KUMISWE isikhulu esiphezulu sesikhungo esigqugquzela ukufundiswa kwezibalo, iSayensi nokuthuthukiswa kwezobuchwepheshe KwaZulu-Natal, iMoses Kotane Institute (MKI).
UMnuz Sbusiso Mpungose umiswe ekupheleni kwenyanga edlule ngezinto eziningi ezithinta ezokuphatha kwalesi sikhungo. Lesi sikhungo singaphansi koMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo eKZN oholwa nguMnuz Sihle Zikalala. Umthombo weSolezwe uveze ukuthi ezinye zezinto uMpungose amiselwe zona wukuqasha esinye isikhulu ngaphambi kokuthi siye kohlonywa imibuzo ngalowo msebenzi esasifake isicelo sawo.
Uthe lesi sikhulu sathatha incwadi yokuqashwa saya ebhange siyothenga imoto ekubeni singakaqashwa. “Okunye asolwa ngakho wukunika omunye wabangani bakhe imisebenzi ehlukene kulesi sikhungo. Usolwa nangokuthi wayethi uye endaweni ethile ekubeni engayanga,” kusho lo mthombo.
Isikhulu sezokuxhumana eMnyangweni wezokuThuthukiswa koMnotho, uMnuz Harry Mchunu, sikuqinisekisile ukumiswa kukaMpungose sathi ibhodi limmise ukuze kuqhubeke uphenyo lwangaphakathi.
“Ibhodi leMKI lisazisile ngokuthi limise isikhulu esiphezulu ukuze kuqhubeke uphenyo oluthinta ukuphatha. Asikwazi ukwanda kakhulu size sithole umbiko uma sekuphothulwe uphenyo.”
Isolezwe lake labika ngesikhalo sezinye zezinkampani ezazithole ithenda lokufaka ubuchwepheshe bezokuxhumana eMnambithi Technical Vocational Education and Training (TVET) ezazingakhokhelwe yiMKI. Lezi zinkampani zasola lesi sikhulu ngokuthi asifuni ukukhokha ekubeni zawenza umsebenzi.
I-MKI yaziphendulela ngokuthi kunophenyo mayelana nezikhalo zezinkampani ezithintekayo kodwa kuze kube manje azikakhokhelwa. Khonamanjalo umnyango kaZikalala ukhiphe izikhangiso kwabezindaba kulabo abafuna ukuba amalungu esigungu sokuphatha eMKI. Eminye yemisebenzi abazoyenza wukuqinisekisa ukuthi lesi sikhungo siphethwe ngendlela kulandelwe inqubomgomo, babheke nokuthi umsebenzi wenziwa ngendlela efanele. Bazoqinisekisa ukuthi ukuphathwa nokulawulwa kwe-MKI kusezingeni. Kumele babe nemfundo engu-NQF Level 7 nolwazi emikhakheni ehlukene okubalwa ukuphatha amabhizinisi, iSayensi nezobuchwepheshe, izifundo zasolwandle, ezokuphathwa kwemisebenzi kahulumeni, ezokuxhumana neminye imikhakha.