IGWETSHWE iminyaka engu-176, eNkantolo eNkulu yaseThekwini indoda yaKwaShamweni, eColenso ngamacala ayisithupha okubulala, amahlanu okuzama ukubulala nelilodwa lokucekela phansi impahla.
UThemba Mvelase (37) ugwetshwe odilikajele abayisithupha ngamacala okubulala neminyaka engu-26 ngamacala amahlanu okuzama ukubulala nelokucekela phansi impahla.
UMvelase obesehlale esitokisini iminyaka emibili ulahlwe ngamacala ezigameko ezimbili zokudubula, okwashona kuzo abantu abayisithupha kwalimala nabanye, eZakheni ngo-Okthoba 2014.
Kuthiwa lezi zehlakalo zazihlobene nengxabano eyayikhona phakathi kwamalungu omndeni wakwaGamede nowakwaMabaso khona endaweni.
Esigamekweni sokuqala emgwaqweni uPieters, kwadutshulwa iMercedes Benz eyayiphuma emshadweni, eZakheni kwa-E, ibheke eGoli kwashona oyedwa, kwalimala abane.
Itekisi elalivika imoto eyayidutshulwa lazithela phezu kweloli, kwashona abayisishiyagalolunye.
Esehlakalweni sesibili wavulela ngemvula yezinhlamvu endaweni yokuwasha izimoto kwashona abahlanu, kwalimala oyedwa.
Ngaphambi kokuthi, iJaji uNksz Nompumelelo Radebe likhiphe isigwebo, liqale lanikeza ithuba ingoduso kaMvelase, uNksz Xolisile Mungwe lokuthi ichaze ukuthi kungani kungafanele likhiphe isigwebo esiqinile.
UNksz Mungwe, uthe unezingane ezintathu noMvelase endala ineminyaka eyisishiyagalolunye, eyesibili eneminyaka eyisikhombisa, encane eneminyaka emibili.
Unxuse iJaji ukuthi licabangele yena ongasebenzi nezingane esezizokhula ngaphandle kukayise.
Ummeli kaMvelase, * -Advocate Barry Ngcobo naye uzamile ukulincenga iJaji ukuthi limthambisele isigwebo ngoba kwesinye isigameko waveza ukuthi wadubula abantu okungesibo okuveza ukuthi kwenzeka iphutha.
IJaji uRadebe, uthe: “Ukuthi kwadubuleka abantu okungesibo kuveza ukuthi wayehlele itulo lokubulala. Kulezi zigameko kwalimala nezimoto ezimbili, iMercedes Benz neToyota Verso. Ubufakazi buveza ukuthi ungumuntu ononya nobulwane.”UNgqongqoshe wezokuThutha nokuVikela, KwaZulu-Natal, uMxolisi Kaunda obekhona enkantolo, uncome ukuzikhandla komphenyi wecala, uCaptain Sibusiso Zungu obekhona ukuzozizwela isigwebo.
“Sizile enkantolo ukuzoseka imindeni yezisulu. Siyazi ukuthi umphakathi ubusibheke ngabomvu lesi sigwebo. Odilikajele abayisithupha neminyaka ngaphezulu kusikhombisa ukuthi umthetho wakuleli uyasebenza, ngakho silishayela ihlombe iJaji ngesigwebo salo. Siyethemba ukuthi lesi sigwebo sizothumela umyalezo oshubile ezigebengwini,” kusho uKaunda.
Utuse ubuqhawe babasebenzi bezimo eziphuthumayo namaphoyisa afika kuqala ezindaweni zesigameko.