UBUDLELWANE obumuncu phakathi kuka Mengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma noMnuz Pravin Gordhan obenguNgqongqoshe wezeZimali eNingizimu Afrika, yikhona okuholele ekutheni uZuma agcine ngokuthi amkhombe indlela uGordhan.
Lezi ngezinye zezizathu ezibekwe uNobhala Jikelele we-ANC uMnuz Gwede Mantashe ngenkathi ekhuluma esithangamini sabezindaba eLuthuli House eGoli izolo.
UMantashe ubecacisa ngokudingidwe yisigungu esikhulu se-ANC, iNWC neNEC ngokushintshwa kweKhabhinethi nguZuma.
Enaba ngalobu budlelwano obungebuhle phakathi kukaZuma noGordhan, uthe ukuputshuka kwencwadi yezobunhloli ethi uGordhan ubengahambele ukukhuthaza abatshali zimali kuleli ohambweni lwase-Britain abuyiswa kulona isigubhukane uZuma, ikona okwenze isimo 'saba sibi kakhulu ngalobu budlelwane'.
Akafunanga ukuchaza ngemininingwane yokunqamuka kokuhoshelana phakathi kukaZuma noGordhan ngaphandle kokuthi athi nabantu uma sebedivosile, yibona kuphela abaziyo ngezizathu zokudivosa kwabo.
"Inkinga ukuthi i-intelligence report iyona eyone izinto, yaphatha kabi abantu abaningi ngoba kwenziwe engathi iyona yodwa eyisizathu sokususwa kukaGordhan esikhundleni, nokungelona iqiniso," kusho uMantashe.
Mayelana nemibiko yokuthi kunabaholi abasezingeni eliphezulu kule nhlangano okukhona phakathi kwabo yena uMantashe, uMnuz Cyril Ramaphosa noDkt Zweli Mkhize abazwakalise ukungeneliseki ngezinqumo zikaZuma ngokushintsha iKhambinethi, bebekuqonda okukaGorhan, okwabanye bebengazi lutho ngakho.
Kuleli phuzu bavumelane nephini lakhe uNksz Jessie Duarte ukuthi baba nolwazi ngokushintshwa kukaGordhan kusukela ngoDisemba nyakenye.