KUPHENYWA othisha ababili abangamalungu esigungu esiphethe isikole iSchool Management Team (SMT) avimbezele uthishanhloko ehhovisi lakhe ngoLwesine efuna asule emsebenzini esikoleni, iSobonakhona Secondary, eMbumbulu.
Kwabizwa amaphoyisa kwagodukiswa nabafundi ngenxa yalokhu.
NgoLwesihlanu umqondisi wesifunda uMlaza, uMnuz Bheki Ntuli, ukhulume nabafundi nothisha washiya ithimba lomnyango elizophenya.
Okhulumela umnyango, uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe bakhathazekile ngokwenzeke esikoleni wathi bayaphenya.
“Ziningi izinsolo ezibekwayo kodwa umnyango ukhathazekile ngokwenzekile,” kusho uMlotshwa.
Umbango kulesi sikole usuka kude njengoba kubangwa indaba yezikhundla.
Umthombo weSolezwe ocele ukungavezwa udalule ukuthi othisha ababili basatshiswa ngokufa nyakenye bagcina behambile esikoleni. Uthe sebesebenza kwezinye izikole ngenxa yokwesaba.
“Manje kukhona abakwi-SMT abamfuna ehambile uthishanhloko ngoba bafuna isikhundla sakhe. Kunelinye ilungu lesigungu esilawula isikole elifaka unyawo elivuna abebevalele uthishanhloko kanti alinangane efunda kulesi sikole,” kusho umthombo.