KUPHEKWA ngemibuzo amalungu omndeni ngokufa kowesifazane waseSweetwaters, ngaseMgungundlovu, isidumbu sakhe esitholwe sicuyiwe.
Isidumbu sikaNksz Zodwa Madlala (34) sitholwe ngaphandle kwendlu kagogo wakhe lapho bekunomcimbi khona ngempelasonto.
Ubesikwe amabele, isitho sangasese, ikhwapha nasezinqeni. Kuthiwa uNksz Madlala utholwe izindebe zisanyakaza kodwa engasakwazi ukukhuluma kanti uhlale amahora amabili esakhombisa ukuthi uyaphila ngemuva kokutholwa.
Izolo, Isolezwe lihambele umndeni lapho bekunomcimbi khona lafica udadewabo alamana naye, uNksz Neli Madlala noNksz Ntombizodwa Madlala ongudadewabo omdala bemi ngaphandle kwendlu atholwe kuyo.
Umuzi wakubo useduze nakwagogo lapho etholwe khona.
UNksz Madlala (Ntombizodwa) utshele Isolezwe ukuthi kusuka ngeSonto amaphoyisa awapheli kubo ezobaphonsa ngemibuzo njengoba umufi egcinwe ehlezi nabo.
“Lolu daba lusihlukumeze kakhulu, lusihlazile emphakathini. Manje amaphoyisa aphenya thina. Asiphonsa imibuzo ekubeni sishonelwe. Nathi sifuna zona izimpendulo,” echaza.
Uthe bebengakayi kobhula noma kofuna usizo lwabantu besizulu njengoba belinde ukuthi umndeni uhlangane ubhunge ngokwenzekile.
UNksz Madlala (Neli) uthe udadewabo wamgcina esemva kwakhe beya kubo, bephuma emcimbini.
“Ngafika ekhaya engasekho, sasihamba sibaningi nezingane ngoba sasiphuma ngezansi kade sidla inyama. Ngazitshela ukuthi uzobuye afike ngoba abantu babezijabulele kunganakwe lutho. Ukutholwa kwakhe ecuyiwe kwenza sisole ukuthi umuntu obefuna ukuthakatha ngezicubu zakhe owenze le nto,” kusho uNeli.
Uthe udadewabo ubengenaso isitha asaziyo, ubengumuntu okhonze ukuziphuzela futhi ejwayelene nabantu abaningi.
Ngesikhathi Isolezwe seliphuma kwaMadlala kuqhamuke omakhelwane abebememeza bethi bazoshisa lo muzi okutholwe kuwona isidumbu.
“Ngeke umuntu abulawe egcekeni kungaziwa, kukhona abantu abazophendula. Siyawushisa lo muzi uma umbulali engaveli,” kusho laba besifazane.
Laba besifazane bebesongela noNtombizodwa bebuza ukuthi njengoba eyisangoma nje wathwasa kuphi.
Uvele wangena endlini ngesikhathi bememeza abanye babo bebekhala bebabaza isihluku okubulawe ngaso uZodwa.
Owesifazane okhulume neSolezwe wacela ukungadalulwa uthe kubaphatha kabi okwenzekile bengomakhelwane ngoba kungenzeka nabo behlaselwe.
“Uma umsolwa engaboshwa kusho ukuthi sonke esihlala lapha esingabantu besifazane sisengozini ngoba sizohlaselwa sicuywe bese kuthuleka.” kusho owesifazane obeveva.
UMnuz Ndodo Madlala ongomunye wabantu bokuqala ababone usidumbu uthe bekungathi ubesikwa ngommese.
Umufi unezingane ezimbili eneminyaka eyisithupha nengu-12.
Ingane yakhe encane ilandwe nguyise enye yaya esikoleni ukuze iyobika ngokushona kukanina.
Amaphoyisa athe asaphenya, akekho osaboshiwe