USHAQEKILE umndeni wowesilisa ona-34 waseMaHlongwa, eMkhomazi, odutshulwe uzwakwabo kubangwa isikweletu somngani wakhe.
UMnuz Muzi Gumede udutshulwe esemotweni yakhe kade esemcimbini eMagabheni ngempelasonto.
Umufi kade ehambele umcimbi womunye wabasebenzi obesethathe umhlalaphansi ngoLwesihlanu ebusuku ngesikhathi ehlaselwa uzakwabo esemotweni yakhe.
Umufi nomsolwa bobabili kuvele ukuthi basebenza kwa-Sappi Saiccor, eMkhomazi.
Unina kamufi uNkk Purity Gumede-Mqadi, uthe basashaqekile ngesihluku indodana yakhe ebulewe ngaso.
“Ingane yami yahamba yaya eMagabheni emini iyofuna imali yayo eyikweletwa ngomunye abasebenza naye. Wafika kukhona umsolwa ehlezi nalowo obekweleta.
“Umsolwa wangenelela odabeni lemali, bagcina sebexabana nendodana yami. Indodana yami ibuyele ekhaya imali ingayitholanga, kwathi ntambama yahamba nomunye umngani wayo sebeya emcimbini womunye umsebenzi. Bafika bama ngaphandle besahlezi emotweni yakhe kwaqhamuka umsolwa. Umsolwa ususe ingxabano yasemini, wavele wakhipha isibhamu wamdubula ekhanda,” kusho uNkk Gumede-Mqadi.
Uthe yize bengazi ukuthi imalini ebifunwa yindodana yakhe kodwa uthole imiyalezo ku-Whatsapp eveza ukuthi yilokhu yayicela ngoDisemba imali kodwa ingabuyi.
Umsolwa kuthiwa umgqokloze kabili ngenhlamvu ekhanda wabe eselinda amaphoyisa ukuba ambophe endaweni yesigameko.
Ngemuva kwalesi sigameko kuthiwa kuvele kwadungeka nomcimbi.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa aKwaZuku-Natal uLt Colonel Thulani Zwane umsolwa kulindeleke ukuba avele enkantolo yaseMbumbulu namhlanje ngecala lokubulala.
“Umsolwa ona-50 uzovela enkantolo ngecala lokubulala owesilisa otholwe emotweni yakhe eseshonile. Isigameko senzeke ngo-11 ebusuku eMagabheni kunomcimbi. Umsolwa ulinde amaphoyisa endaweni yesigameko, uwanikeze isibhamu asisebenzisile wabe eseboshwa,” kusho uZwane.
Umndeni kamufi uthe uhlukumezekile kakhulu ngoba ufike endaweni yesigemeko umsolwa engakaboshwa ezikhulumela nabo.
“Umsolwa simfice engakathathwa amaphoyisa. Amaphoyisa asitshela ukuthi akukho angakwenza ngomsolwa ngoba ubezidakelwe ngakho asikho nesitatimende angasenza. Kube nzima kakhulu kithina njengomndeni, asiphathekanga kahle ngesenzo samaphoyisa,” kusho uNkk Gumede-Mqadi.
Umufi ushiye izingane ezintathu nentombi yakhe ezithwele.