USHAQEKILE umndeni womfundi (16) wasesikoleni samabanga
aphakeme iVuyiswa Mtolo High, KwaMashu okuthiwa ugwazwe wabulawa ngomunye umfundi ekilasini emuva kokugconana.
Kuthiwa uSithembiso Mungwe ugwazwe ngomunye umfundi ekilasini ngoLwesihlanu emuva kokuthi begconene bangazwana. USthembiso ugwazwe inxeba elilodwa esifubeni maqondana nenhliziyo.
Uyise, uMnuz Musa Mlaba, uthe sibashiye benezinhliziyo ezibuhlungu isigameko sokubulawa kwendodana yakhe. Uthe ngokuthola kwabo indodana yakhe beyikade igconana nomunye umfundi kwase kuba nokungezwani phakathi kwabo.
Lo mfundi okuthiwa uhlala ehostela KwaMashu ube eseyolanda abangani bakhe abahlala khona bezomhlasela. Lo mfundi kuthiwa ubuye esephethe ummese wase egwaza uSthembiso esifubeni eduze kwenhliziyo. Uphuthunyiswe emtholampilo, iKwaMashu Community Health Centre (eyaziwa ngePoly Clinic) kodwa waphetha ngokushona.
Umkhulu wakhe, uMnuz Zakhele Mlaba, uthe ugqemeke engeqiwa ntwala ngokushona komzukulu wakhe. Usole inkinga okuthiwa iphakathi kwabafundi abahlala ehostela nabahlala elokishini.
“Kunenkinga ekhona phakathi kwabafundi abahlala ehostela nalabo abangahlali khona. Laba abahlala ehostela banakho ukuthi babasukela laba abahlala ngaphandle. Bavame nokuthi babahlanganyele. Siyafisa ukuthi iphume lento yaziwe ngoba namuhla umzukulu wami kodwa kusasa kungaba omunye umfundi,” kusho uMlaba.
Uthe batholile ukuthi lo mfundi uboshiwe. UMlaba uthe ubesesikoleni eze ngolunye udaba wase ezithela phezu kwalesi sigameko.
Okhulumela amaphoyisa, uCol Thembeka Mbhele ukuqinisekisile ukuthi kukhona umfundi oboshiwe ngalesi sigameko. Uthe kulindeleke ukuthi lo mfundi avele enkantolo namuhla.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo kulesi sifundazwe uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe baphatheke kabi ngokushona kwalo mfundi. Uthe ukushona kwakhe ngale ndlela kukhombisa ukudlanga kodlame emphakathini.
“Kudingeka ukuthi sisebenzisane sonke ukulwa nodlame. Ukushona
kwalo mfundi ngalolu hlobo kukhombisa khona ukudlanga kodlame emiphakathini esivela kuyona. UMnyango wezeMfundo ngeke wenze ngamlingo ukuthi kuxazululwe inkinga yodlame kodwa udinga ukuthi umphakathi usebenzisane nawo,” kusho uMlotshwa.
Uqhube wathi abazali kufanele basebenzisane nabo ngokuthi babheke izikhwama zezingane zabo ukuthi azinazo yini izikhali uma ziya esikoleni.