KUSOLWA ukunukana emndenini wakwaSibiya esigodini sasoGedleni KwaNongoma kungqongqiswa ngomlilo umndeni.
Kulesi bhicongo kubulawe ngesihluku ubaba wekhaya uMnuz Mkhuliseni Nicholus Sibiya (64), umkakhe uNkk Bulawawubani uMaMyeza Sibiya nendodakazi yabo uLungelo Sibiya (7) obesenza u-grade R enkulisa yaso-Ugedla Primary.
Ngokusho kwelungu lomndeni uMnuz Mbhekiseni Sibiya, abazi ukuthi ngobani abenze lo bulwane obunje kumnewabo nasemndenini wakhe.
Kodwa amaphoyisa athathe umshana nomfowabo omncane kamufi ayobaphonsa imibuzo ngemuva kwalesi sehlakalo.
“Mina ngingqongqozelwe ngenye ingane ngezithuba zabo 11 ebusuku, izongazisa ukuthi kuyasha emzini womfowethu omdala.
“Ngithe uma nginikela khona, ngafica sekugcwele abantu nezicishamlilo. Singene ezindlini sangafica muntu kodwa sathi uma siqalaza esibayeni, safica isidumbu sikamfowethu sidindilizile sishe sangqongqa.
Siqhubekile sabheka ngaphandle, okuyilapho sizithele kunkosikazi wakhe nendodakazi yabo bedindilizile,kunekloba lomlilo kodwa bona bengasekho emhlabeni,” kusho uSibiya obesathukile.
Kule nhlekelele kushiswe izindlu ezintathu zakwaSibiya kwathi indodana eno-18 nentombazane eno-10 basinda ngokulambisa.
Uthe yize engazi ukuthi kwenzekeni kodwa indodana esindile ithe yona ivuswe uyise ongene nezicabha efuladini layo, esenenkebenkebe yengozi egqenywe yona ngabahlaseli.
“Ithe kuthe kusenjalo kwakhona abaphonsa endlini utshani obebuvutha. Ithe isachaza, ayithatha amaphoyisa ahamba nayo.”
Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Thulani Zwane uthe lesi sigameko senzeke ngezithuba zabo 9.30 ebusuku.
“Imbangela yalokhu kubulala ayikakaziwa okwamanje. Amacala okubulala avulwe esiteshini samaphoyisa sakwaNongoma ukuze kuphenywe kabanzi.”
Kuvela ukuthi izihlobo ezithathwe amaphoyisa zayophonswa imibuzo, zibuye zadedelwa.
Ziqinile izinsolo zokuthi uSibiya usolwa ngokukhunkula emndenini njengoba kuthiwa kusanda kushona esinye isihlobo, kwasolwa yena.
Omunye wabafowabo uveze esinye izinsolo njengoba ethe kunabomndeni ake wangezwana nabo kubangwa izinkomo ayesiselwe zona.
“Zalandwa lezo nkomo komalume kamakoti kwaNhleko.”
Ngesikhathi Isolezwe NgoMgqibelo litheleka kule ndawo, abantu bebelokhu bebabaze njalo kodwa bengayile kwaSibiya.
Nezingane zesikole bezikutshela kahle ukuthi ziyazi ngalesi sibhicongo. KwaSibiya sifice bekuhlezi abafowabo ababili bengasesangweni, beziphuzela iCoca Cola.
Bekusabonakala ezindlini ukuthi zishile kanti labo kushiselwe khona amalungu omndeni bekucace kusanuka.
Nezinja bezilokhu zihudula izinsalela zezidumbu. Indodakazi nendodana abasinde ekufeni kuthiwa babhaciswe kosonhlalakahle.