UNGQONGQOSHE wezeziMali kuleli uMnuz Malusi Gigaba uthe alikho iphutha alenza ngokunika amalungu omndeni wakwaGupta ubuzwe bakuleli ngesikhathi esengungqongqoshe wezaseKhaya.
Lokhu ukusho ephendula amaphepha azungeza ezinkundleni zokuxhumana afakwe ngabeqembu le- Economic Freedom Fighters aveza ukuthi nguye owanikeza amaGupta ubuzwe kuleli.
Kuma- emails aputshuka, kubonisa ukuthi uGigaba wasebenzisa amandla akhe njengongqongqoshe 'ukuphoqa' izikhulu zomnyango ukuthi zinike lo mndeni ubuzwe kwazise ubungenayo iminyaka emihlanu unekheli eliqondile lakuleli.
Ihhovisi lakhe lithe usebenzise indlela esemthethweni ukunikeza lo mndeni ubuzwe, esebenzisa isigatshana somthetho i-Citizenship Amendment Act 2010.
"Isicelo sasihambisana nemigomo edingwa uMnyango wezaseKhaya ukuze wenze iziphakamiso ezazizocwaningwa ngungqongqoshe," kusho ihhovisi lakhe.
Lithe ukunikezwa kobuzwe ngalolu hlobo akusiyo into ethusayo, njengoba le ndlela isetshenziswa kosomabhinisi nakubantu bezemidlalo.
Leli hhovisi ligxeke abezindaba ngokwenza ihaba kulolu daba, ngokuthi bathi uGigaba wacela izikhulu zomnyango ukuthi zenze wonke amaphepha ukuze lo mndeni uthole ubuzwe.
"Akusilo iqiniso ukuthi uGigaba wavulela lo mndeni amasango. AbakwaGupta banobuzwe bakuleli kusuka ngo-2008," kusho ihhovisi likaGigaba.