IDLULE nemphefumulo yabantu abangu-9 kwalimala abangu-11 ingozi yetekisi enyantisa igazi eyenzeke eWalkerville, eGoli, namhlanje ekuseni. Ngokuka Chris Botha, okhulumela abezimo eziphuthumayo iNetcare911, le ngozi yenzeke emgwaqeni u-Old Vereening Road (R82) eWalkerville, eseningizimu neGoli.
"Umbiko wengozi ukhomba ukuthi itekisi iphaphalazile yayoshaya usimende lapho okuma khona amabhasi. Imbangela yayo kwamanje ayikacaci kodwa konke kuzophenywa amaphoyisa," kusho uBotha.
"Abezimo eziphuthumayo bafike endaweni yenhlekelele itekisi isihlukene phakathi, izicucu zayo kanye nabagibeli abebelimele bebesaphazeke yonke indawo. Emva kokuhlanganiswa kwabebelimele, kutholakale ukuthi abangu-9 bashonele kuyo le ngozi. Ababili basesimweni esibucayi," kuqhuba yena.
UBotha uqhube waveza ukuthi abezimo eziphuthumayo bakhulumile nomshayeli wetekisi oveze ukuthi itekisi iphaphalaze emva kokuthi kade evika imoto ebingaphambi kwakhe wabe esehluleka ukuyilawula.