KUHLALE obala ukuxabana nokuhlukana phakathi kwebhodi lakwaSouth African Airways (SAA) ngoLwesibili usihlalo wale nkampani yezindiza, uNkk Dudu Myeni, evela yedwa phambi kwekomiti lasephalamende elibhekelela ukusetshenziswa kwezimali.
Kulo mhlangano bekulindeleke ukuthi libe khona lonke ibhodi lakwaSAA phambi kwekomiti, nokho lakhetha ukungalubhadi. Lokhu kuholele ekutheni amalungu ekomiti awuvale ungakaqalwa umhlangano.
UMyeni ubebizwe yikomiti kulandela izikhalo ebezivela kwibhodi yakwaSAA zokuthi akabonwa nangokhalo emhlanganweni yakhona. Ilungu le-ANC ephalamende uNkk Thandi Tobias-Pokollo uthe kuyaxaka ukuthi akuqhamukanga nelilodwa ilungu lebhodi ngesikhathi somhlangano.
Ilungu le-DA ephalamende uMnuz Alf Lees uthe naye kumxakile ukungaveli noyedwa oqhamuka kwibhodi yakwaSAA.
“Kubukeka engathi bawushaye ngesithende ngezibomu lo mhlangano, akukho noyedwa okhona ovela kwibhodi,” usho kanje.
Umqondisi-jikelele wehhovisi loMgcinimafa uMnuz Dondo Magojane uthe benza konke okusemandleni ukuqnisekise ukuthi ayicwili i-SAA njengoba ibhekene nezinkinga zemali. Uthe bazoba nemihlangano nemnyango nezinkampani zezimali ukuzama ukuthola isisombululo. Uphethe ngokuthi zisemaphethelweni izingxoxo zokubolekela le nkampani yezindiza u-R9 billion kodwa wacela ukungayidaluli iminingwano ngalokho.