KUPHOQELEKE ukuthi zithuthelwe kwezinye izibhedlela iziguli zasesibhedlela sasePort Shepstone ngenxa yomlilo oqubuke kwelinye lamagumbi esibhedlela.
Kuthiwa kusuke esinamathambo kwadingeka ukuthi kukhishwe iziguli ezilinganiselwa ku-200 ngenxa yokusha kwentambo kagesi egunjini eliqukethe iminingwane yesibhedlela egcinwe kumakhompyutha. Igumbi, elisophikweni olusha lwesibhedlela, liseduze kwegumbi elinakekela abanenkinga yamehlo nalelo elinakekela abagula kakhulu.
Okhulumela abezimo eziphuthumayo, uMnuz Rob Mckenzie, ukuqinisekisile ukuthi ezinye iziguli zithuthwe ngendiza enophephela emhlane nangama-ambulensi zayiswa kwezinye izibhedlela.
“Kuthuthwe iziguli eziyisishiyagalombili zayiswa kwezinye izibhedlela. Iziguli ezilinganiselwa ku-200 zikhishiwe emawadini kodwa zabuye zabuyiselwa sekulungiswe isimo,” kusho uMckenzie.
Uthe kunesiguli esisodwa esishonile kodwa akuhlobene nomlilo. Kukholakala ukuthi ubelaliswe egumbini labagula kakhulu.
UMnuz Sam Mkhwanazi, okhulumela uMnyango wezeMpilo e-KZN, ukuqinisekisile ukuthi kuqubuke umlilo ophikweni olusha lwasesibhedlela sasePort Shepstone.
Uthe akulimalanga muntu nomlilo usheshe wanqandwa. Iziguli zikhishiwe zanikwa usizo lwezempilo. Bebenza konke ukuqinisekisa ukuthi zonke iziguli ziyaluthola usizo lwezempilo ngendlela efanele.
UMnuz Phumlani Mzobe, usihlalo webhodi lesibhedlela, uthe bathole umbiko othi kube wuthuthu ngoba amalangabi abengekho oludale ukuthi kukhishwe ngaphandle iziguli.
Uthe banxuse abantu nabasebenzi basesibhedlela ukuthi bakugweme ukusabalalisa iminingwane engesilo iqiniso ngokwenzekile. Lokhu ubekushiso wukuthi bese kunemibiko ethi kushe abantu abathathu kwashona umuntu oyedwa.
Khonamanjalo, kuphinde kwaqubuka omunye umlilo esibhedlela iMahatma Gandhi Memorial, ePhoenix. Umthombo ongaphakathi esibhedlela uthe umlilo usuke ewadini labantu besilisa. Uthe akukaziwa ukuthi yini isisusa sawo. Omunye umthombo usole umuntu obebhema.
Amaqembu epolitiki athe kufanele kuphenyisiswe ngokudale umlilo wasesibhedlela sasePort Shepstone.
Okhulumela Inkatha Freedom Party (IFP) kwezempilo, uNkk Ncamisile Nkwanyana, uthe kudingeka ukuthi kuphenywe ngokushesha. “Kufanele kubhekwe ukuthi lokhu bekungenxa yenkinga kagesi noma bekuyiphutha lomuntu,” kusho uNkwanyana.
Ilungu lePhalamende le-DA, uDkt Imran Keeka, lidlulise ukuzwelana nalabo abathintekile ngenxa yomlilo.Uthe lesi sibhedlela sigugile njengezinye kanti banethemba lokuthi lokhu akusikho okudale umlilo.