UMBIKO womxazululi woMnyango wezeMpilo uveze isithombe esingesihle ngoNgqongqoshe wezeMpilo eGauteng, uNksz Qedani Mahlangu, kolokungaphatheki kahle kweziguli ezingaphezu kuka-2 000 eziphazamisekile engqondweni zasesikhungweni iLife Esidimeni.
Lezi ziguli zasuswa kulesi sikhungo esiseRandfontein, eWest Rand, zayiswa ezinhlanganweni ezingenzi nzuzo ezehlukene ngonyaka odlule kwashona inqwaba yazo.
UNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke, uDkt Aaron Motsoaledi ujube umxazululi womnyango uSolwazi Malegapuru Makgoba ukuthi aphenye. Iphephandaba, iSunday Independent, liveze ukuthi umthombo osondelene nalolu phenyo uthe zingu-80 iziguli ezashona. Lesi sibalo siphezulu kakhulu ku-39 obekukholakala ukuthi yisibalo seziguli ezashona. Akuqondakali kodwa ukuthi zonke lezi ziguli zishone emuva kokususwa noma ezinye zazo zishone ngaphambi kokuthi lokhu kwenzeke.
Nyakenye uNksz Mahlangu umemezele ngokufa kweziguli ezingu-36 esiShayamthetho sesifundazwe. Ukuvela kwesibalo sika-80 kukhomba ukuthi kungenzeka ukuthi ukufa kwezinye iziguli bekufihliwe.
Umthombo osondelene nodaba uthe uphenyo luveza ukuthi umnyango waxwayiswa ngokususa iziguli uziyise kulezi zikhungo. Kukholakala ukuthi uMakgoba uthole ukuthi uNksz Mahlangu nezinye izikhulu ezimbili zomnyango yibo okufanele bathwale leli cala lokufa kwalezi ziguli.
Bese kuvele kunengcindezi enkulu ekutheni uNksz Mahlangu ehle esikhundleni ngemuva kokuthi eveze izibalo zokuqala zokufa kweziguli ezingu-36. Lokhu kuholele ekutheni uMotsoaledi amemezele ukuthi usejube uMakgoba ukuthi aphenye kabanzi ngokufa kweziguli.
Umbiko bekufanele wethulwe ngoLwesithathu owedlule kodwa kubonakale engathi uNksz Mahlangu ubambezela ukukhishwa kwawo ngokuthi athi ucela kululwe isikhathi sokuthi aphendule. Lokhu kucasule imindeni nezihlobo zeziguli.
Abasondelene nodaba bathe uNksz Mahlangu wayenikwe isikhathi esenele sokuphendula kodwa kunokuthi aphendula wabhala incwadi ethi ucela ukunikwa isikhathi.
Ebuzwa uMakgoba ukuthi akazange acasuke ngesicelo sikaNksz Mahlangu sokululelwa isikhathi, uthe ulandela umthetho kukho konke akwenzayo wathi lokhu kujwayelekile.
“Uhlelo luyakuvumela ukuthi kululwe isikhathi. Uma umuntu ecela ukululelwa isikhathi kuyavunywa ukuthi kushintshwe usuku lwesimemezelo,” kusho uMokgoba.
Uthe ihhovisi lakhe belibeke usuku lokuthi kwethulwe umbiko ngoba ekholwa ukuthi iyobe seyifikile impendulo kaNksz Mahlangu.
“Miningi iminxa kulolu daba njengoba nani nibona nje ngakho noma yiluphi uhlangothi oluzama ukuzitholela amaphoyinti lwehlisa ukuhlonipheka kwalo. Angikholwa ukuthi ngiyafuna ukungena kakhulu kulokho,” kuqhuba uMokgoba.
Uthe uqale lo msebenzi ezinyangeni eziyisithupha ezedlule. Lo umbiko wakhe wokuqala futhi ufuna ukuwunika isithunzi osifanele.
Okhulumela i-DA kwezeMpilo, uMnuz Jack Bloom uthe uNksz Mahlangu ngeke aphumelele kulolu phenyo.
Uthe ukholwa ukuthi imiphumela yophenyo iyashaqisa futhi uNksz Mahlangu nabaholi abathile bowezempilo bayogcina bebekwe amacala.
UBloom owaba owokuqala ukuphonsa imibuzo kuNksz Mahlangu ngalolu daba, uthe isisombululo wukuthi ehle esikhundleni njengongqongqoshe.