ZIBALIWE izinsuku kothishanhloko bezikole okuvalwe ngehlahla kuzo kwangaphasa ngisho umfundi oyedwa kwa-matric nyakenye KwaZulu-Natal.
Ziyisishiyagalolunye izikole okungaphasanga ngisho oyedwa umfundi kulesi sifundazwe kanti uNgqongqoshe wezeMfundo, uMnuz Mthandeni Dlungwane nenhloko yomnyango uDkt Enoch Nzama bathe izinyawo zizogcwala udaka kulabo thishanhloko.
UDlungwane uthe bazongena emlandweni ngokuba ngabaholi abangasabi ukuthatha izinyathelo ezinqala kulabo abangawenzi umsebenzi.
“Ngeke sihlonize ngokuthatha izinyathelo kulabo baphathi abahluleke wukukhiqiza imiphumela emihle. Sishaqekile ngokuthi kunezikole ezithole 0% yize kwakunenqwaba yezinhlelo esizenzile ukuphucula imiphumela kamatric,” kusho uDlungwane.
Ukusho lokhu izolo ememezela ukunyuka kwemiphumela ka-matric esifundazweni isuka ku-60.7% ngo-2015 yaya ku-66.4% ngo-2016, ICC, eThekwini.
UNzama uthe bazolandela umthetho uma sebethatha izinyathelo kulabo thishanhloko. “Kunemigomo ebekiwe yokuthi uma usuhlulekile ukuphucula izinga umnyango kumele uthathe izinyathelo ezinqala.”
UMnuz Bheki Shandu, oyiPhini likaNobhala weSadtu, uthe uma umnyango ufuna ukulandela umthetho kumele uwulandele nakwezinye izindawo. “Kumele kuqale kubhekwe imbangela yokwehla kwemiphumela nawo umnyango uzinuke amakhwapha ukuthi akuwona yini owenze yehla. Kwezinye izikole othisha abekho, awukwazi-ke ukugxeka othishanhloko ngalokhu,” kusho uShandu.
UMnuz Allen Thompson, oyiPhini likaMengameli weNatu, uthe kuyamangaza ukuthi abaphathi bomnyango bathuka kanye nezwe ukuthi kunezikole ezithole * -0%.
Uthe akumele baxoshwe bodwa othishanhloko kodwa noNzama, abahloli nabaqondisi bezifunda kumele baxoshwe.
“Ngeke uphume iqhubu nothishanhloko kukhona abahloli, nenhloko yomnyango. Kuyamangaza ukuthi oNzama noDlungwane bathuka kanye nathi ukuthi kunezikole ezingenzanga kahle ekubeni ngabe kade bazibona,” kusho uThompson.
UDlungwane uphinde wakhala kakhulu ngabafundi abaduduliwe wathi yibona abehlisa izinga lokuphasa lesifundazwe.
“Basidonsela phansi abafundi abaduduliwe njengoba bengu-147 646 ababhalile, kulaba bangu-27 033 abaduduliwe. Yisona sifundazwe esibe nabafundi abaningi abaduduliwe,” kusho uDlungwane.
Uthe izinga lokuphasa kubalwa nabafundi abaduduliwe ngu-66.4% wathi uma kukhishwa abaduduliwe * -69.5%.
Kubafundi abangu-12 938 abaduduliwe bangu-4 495 abaphasile.
“Uma wenza izibalo kulula ukubona ukuthi siku-70%. Ukube bebengekho abaduduliwe ngabe senze kahle kakhulu. Kubafundi abangu-147 646 ababhalile kuphase abangu-98 028,” kusho uDlungwane.
Uthe bangu-49 436 abafundi abafeyile * -matric nyakenye, iningi labo lizobhala izivivinyo zokuchibiyela.
Abafundi abangu-36 139 baphase ngama-Bachelors okusho ukuthi bazoya emanyuvesi.
“Siyajabula ukuthi kunyukile ukuphaswa kweMaths neSayensi. IMaths iphaswe ngo-37.9% uma uqhathanisa no-33.23% wango-2015. ISayensi yona iphaswe ngo-57.76% uma uqhathanisa no-51.81% ngo-2015,” kusho uDlungwane.
Umhlaziyi wezemfundo enyuvesi yaKwaZulu-Natal, uSolwazi Wayne Hugo, uthe alungaqedwa lolu hlelo lokududula abafundi ngoba baningi abaphumelalayo.
Uthe abesekwe ngoba uma bengadluliswa bazogcina sebeshiya phakathi isikole.
UDlungwane uthe sinyukile isibalo sezikole ezithole * -100% zaba ngu-85 uma uqhathanisa nezingu-66 ngo-2015.
Esinye sezikole esiqhubeka nokwenza kahle sathola * -100% yiMenzi High, eMlaza yize engasekho owayenguthishanhloko uMnuz Felix Mshololo.
Uthishanhloko uNksz Muntu Ntombela, uthe bebelindele ukwenza kahle ngoba basebenze kanzima.
“Besizibophezele ekutheni izingane zethu ziphasele ukungena enyuvesi zonke kodwa lokhu asikwazanga ukuthi siphumelele kukhona njengoba kube khona ezimbili noma ezintathu ezithole okungaphansi. Kodwa konke okunye kube njengoba besifisa,” kusho uNksz Ntombela.
Ziyisikhombisa izingane ezithole o-A kuzo zonke izifundo.
UDlungwane uthe bafuna kuphothulwe ngokushesha eyezikole ezisolwa ngokukopela.