ISIKHONDLAKHONDLA senkampani ekhiqiza inyama yenkukhu iRainbow Chicken eHammarsdale, sizovala izindawo zaso zokusebenza ezingu-15 kwezingu-25 ngenxa yokuthwala kanzima okudalwe inyama yenkukhu eqhamuka ngaphandle.
Akuzogcina lapho njengoba le nkampani esiyaziwa ngeRCL Foods, izodiliza abasebenzi abangu-1 350 ekupheleni kukaJanuwari ngenxa yokushoda komsebenzi.
IMike’s Chicken eseLimpopo nesibe khona iminyaka engu-38, ikhiqiza inyama yenkukhu ePolokwane, isivaliwe kwathi abantu abangu-
1 000 balahlekelwa wumsebenzi.
ICountry Bird eseFree State naseNorth West okungeyesithathu ubukhulu kuleli ngokukhiqiza inyama yenkukhu ngaphansi kwe-Astral Foods (Mpumalanga, Gauteng, Western Cape, KwaZulu-Natal ne-RCL) yona izodiliza abasebenzi abangu-1 500.
Kuleli sonto imenenja yakwaRCL Foods, uMnuz Scott Pitman ithe ibingasazi ukuthi ikuphi okumele ikwenze ngaphandle kokudiliza abasebenzi.
“Ukudiliza abantu abangu-1350 ekupheleni kwenyanga kuzoba yinto enzima kakhulu kumina, selokhu ngaba kuleli bhizinisi. Ungabadiliza kanjani nje, kodwa abantu abaningi kangaka asebekusebenzele iminyaka eko-40 ngokwethembeka,” kubuza uPitman.
Uthe uhulumeni awenzanga mizamo ukulawula izinkampani zangaphandle ukuletha inyama yenkukhu kuleli. Uthe i-Europe neBrazil isebenzise leli thuba ukuletha izindimbane zenyama yenkukhu kuleli.
Ngesikhathi iSunday Tribune enguzakwabo weSolezwe ngeSonto livakashele abasebenzi eHammarsdale, bebengafuni ukukhuluma ngalolu daba kodwa bakuveza ukuthi bathukuthele.
Abasebenzi abadilizwayo banikwe ilungelo lokuthi bazithathele ama-package noma bafake izicelo zomsebenzi kabusha.
UKatishi Masemola ongunobhala wenyunyana yabasebenzi bezinkampani zokudla, iFood and Allied Workers Union, uthe kumele abasebenzi batelekeni ngenxa yalesi simo. Uthe ukulwa kwabasebenzi akubhekisiwe ezinkampani ezidayisa inyama yenkukhu, kodwa nazo izinkampani ziyizisulu kulesi simo.