ISASASA labantu abafuna ukuthenga amasheya ehhotela lomntakabani elizoba seMhlanga iRadisson Blu Hotel selenze umnikazi walo akhiphe amafomu azotholakala kwiSolezwe ngoLwesihlanu, Febhuwari 24.
Amasheya aseRadisson Blu athengwa ngokungena kwi-internet, ugcwalisa ifomu uthole nempendulo yakho kwi-e-mail.
UMnuz Brian Mpono ongumqondisi ohlelweni lokuthengwa kwamasheya eRadisson Blu Hotel eyingxenye yentuthuko ka-R3.8billion ebizwa nge-Oceans Umhlanga uveze ukuthi njengoba uSihlalo wale ntuthuko, uMnuz Vivian Reddy, efuna kube yihhotela labantu ubone kungcono ukuthi amafomu atholakale ephephandabeni elifundwa kakhulu eNingizimu Afrika.
“Amafomu azotholakala kwiSolezwe ngoFebhuwari 24, siyacela abantu bagcwalise amafomu bese beyokhokha imali abafisa ukuthenga ngayo amasheya eStandard Bank. Yonke into itholakala kwifomu futhi alikho elizokwenziwa ikhophi ngoba wonke anezinamba ezihlukile. Amasheya aqala ku-R20 kanti angu-50 abiza u-R1 000,” kusho uMpono.
Uthe abantu abano-R50 000 kuya phezulu abashiywa ngaphandle kodwa kugxilwe kakhulu kubasebenzi abahola kancane.
“UMnuz Vivian Reddy noMnuz Rob Alexander bafuna ukuthi abantu abangacebile abazenzela imisebenzi ethathwa kancane babe namasheya ehhotela likanokusho. Akulona uhlelo lweBroad Based Black Economic Empowerment kodwa wuhlelo oluhlose ukuhlomulisa abantu ngemali,” kusho uMpono.
Uma abantu sebekhokhile kufanele bathumele ubufakazi bokuthi bakhokhile ngefeksi noma nge-e-mail etholakala kwifomu lomuntu eliphume kwiSolezwe.
Ubufakazi buhambisana nefomu, incwadi enekheli lomuntu, ikhophi kamazisi womuntu noma incwadi yekhansela uma ehlala endaweni engenalo ikheli.
Abanemibuzo bangashayela ku-031 521 0431 kusukela ngo-9 ekuseni kuya ku-6 ntambama phakathi nezinsuku noma bathumele i-email [email protected]
Udonse ngendlebe abantu ukuthi babe sebekhokhile ngoMashi 10 ngoba izincwadi zobunikazi bamasheya zizoqala ukukhishwa emuva kukaMashi 23.