USOTSWEBHU we-ANC, uMnuz Jackson Mthembu, uthi ngeke bavotele ukukhipha uMengameli Jacob Zuma esikhundleni ngoba bathunywe yile nhlangano ukuba bayoyimela ePhalamende.
Ugxeke amaqembu aphikisayo anxuse amalungu e-ANC ukuthi avote elandela onembeza bawo.
“Kuyathusa ukuthi amalungu e-ANC ePhalamende angalindeleka ukuthi aphule imibandela yeqembu lawo ekubeni awamanye amaqembu eyilandela. I-DA, EFF anenzondo enkulu ngoZuma,” kusho uMthembu.
Uthe alikho iqembu elingavotela ukuzikhipha lona wathi ngisho emhlabeni jikelele akukaze kwenzeke lokho wathi nabo ngeke bakwenze. - African News Agency (ANA)