UMFUNDI waseDUT uBonginkosi “Education” Khanyile owaboshwa ngezibhelu ze-#FeesMustFall, ugcine elanyulelwe yiNkantolo yoMthethosisekelo njengoba ekhishwe ngebheyili ka-R250 ngemuva kokuduva ejele izinyanga ezinhlanu. Abameli beqembu lakhe i-EFF balidlulisele kule nkantolo udaba lwakhe ngemuva kokunqatshelwa ibheyili ezinkantolo ezintathu. US’MANGELE ZUMA uxoxe naye ngokuboshwa kwakhe nezinhlelo zakhe ngemuva kokudedelwa
CHA, yigama engaliqanjwa ngebengifunda nabo eminyakeni emithathu edlule ngenxa yokuphasa kwami. Ubona nje ngoMeyi ngizothweswa iziqu, iDiploma yePublic Management and Economics, ngiphase ngoCum Laude. Ukuvivinywa kokuphela konyaka wami wesithathu ngikubhale ngisejele kodwa ngikwazile ukuphasa zonke izifundo zami ngamalengiso.
UHLALE ejele izinsuku ezingaki?
NGIHLALE ejele izinsuku eziwu-166. Ngaboshwa ngo-Septhemba 26 ngonyaka odlule ngesikhathi siqhuba umbhikisho we#FeesMustFall kwesinye sezikhungo zaseDUT IML Sultan. Kwakungusuku lwesibili siwuqalile lo mbhikisho.
UDLULE ezinkantolo ezingaki ukuze uthole ibheyili?
KWEZINTATHU, ngaqala eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, ngaqhubekela eNkantolo eNkulu yaseThekwini, lutho ibheyili. Abameli bami balidlulisela eSupreme Court of Appeal eBloemfontein icala, kodwa saphinde sachithwa isicelo sami. ENkantolo yoMthethosisekelo besengilindele noma yini. Ngakhumbula oSobukwe noMandela ababhadla ejele. Bengilokhu ngime isibindi, noma ufa ungaxolisi, kumele uqhubekele phambili, ungafisi okwegwala.
KWENZEKANI ngesikhathi uboshwa, ngabe kukhona abanye owaboshwa nabo?
SASISE-ML Sultan singabafundi sicula sibaningi. Kwaqhamuka abakwasidlodlo behamba ngamaQuantum amabili namaveni amabili. Baqonda kumina ngiseringini. Ngisola ukuthi bafika sebazi ukuthi bazobopha bani ngoba bangikhetha kwingqwaba yabafundi. Kwaboshwa mina ngedwa, waqhubeka umbhikisho amasonto amabili ngemuva kokuboshwa kwami kodwa akekho omunye umfundi owaboshwa.
YINI ekwenza ucabange ukuthi amaphoyisa ayethunyiwe ukuthi akubophe?
YINGOBA ama-comrade e-ANC akubeka kwacaca ukuthi #FeesMustFall awayifuni KwaZulu-Natal. Into eyangishaya ukuthi ngangigqoke nebharethi ye-EFF. Angazi yini kwaqokwa mina ngoba ngiyilungu nje le-EFF Student Command, anginaso nesikhundla. Uyazi ke amaphoyisa amaningi aseka i-ANC. Kubafundi abawu-800 kuzwelonke ababoshwa yimina kuphela enganqatshelwa ibheyili, okuchaza ukuthi yimina mfundi oyingozi kunabo bonke, okungelona iqiniso.
UBUQALA ukuboshwa?
BENGINGAQALI kodwa bengiqala ukuboshwa ngize ngiyovalelwa ejele. Sasike sithathwe sivalelwe esitokisini sibuye sidedelwe uma kunemibhikisho esikoleni. Ngaqala ngagqunywa esitokisini esiteshini samaphoyisa iDurban Central izinsuku ezintathu ngaphambi kokuthi bangihambise ejele eWestville. Inyanga yonke ngahlaliswa nezinye iziboshwa maqede ngafakwa egunjini lami ngedwa okuyilapho engangibona engathi ngizohlanya.
BEZIKUPTHETHE kanjani ezinye iziboshwa?
ZACASUKA zizwa ukuthi ngiboshelwe ukuthi bengibhikishela imfundo yamahhala. Zathi ngizichithela isikhathi zona ziboshelwe amacala anzima. Zazingifuna ugwayi, zithembisa ukungishaya kodwa ngakwazi ukuzichazela ngomzabalazo. Ngiphume nje ejele sengibawinile abaningi. .
BATHINI ekhaya ngemuva kokuboshwa kwakho?
BAOHATHEKA kabi kakhulu, uyazi ekhaya ukuthi uma bekuthumela ukuthi uyofunda, balindela ukuthi ufunde uqede. Ngidabuka esigodini sakwaNxamalala eNkandla, kodwa ngikhulele eMlazi. Umama wami uyakholwa ngakho ubelokhu engibeke emthandazweni. Ugcine eseqonda ukuthi ngakhetha umzabalazo. Ubengivakashela ejele efika nasenkantolo uma ngiyofaka isicelo sebheyili.
ZITHINI izinhlelo zakho njengoba ungaphandle ngebheyili?
NGICELA ukuqala ngokubonga kubo bonke abangisekile njengoba bengiboshiwe. Siyi-EFF Student Command sihlela ukuqhubeka nokulwela imfundo yamahhala. Kungijabulisile ukubona inqwaba yabafundi baseDUT bengeseka. Lokhu kubonisa ukuthi uhulumeni ukutshala uvalo kubona, akusizanga. Sifuna uMnyango wezeMfundo oPhakeme ukuthi udededele imali ukuze kungabikhona mfundi ongeke afunde ngenxa yokuswela imali.