UKUSAYINWA kwezinkontileka zokwenza kahle kwabafundi abaduduliwe, ukuphendula njalo ngekota kwabahloli ngemiphumela engemihle yezikole abaziphethe, ngezinye zezinto ezinyuse izinga lemiphumela esifundeni iMajuba saqwaqwada ezinye izifunda KwaZulu-Natal.
Lokhu kushiwo ngumphathi walesi sifunda, uMfundisi Nelson Sithole, ohlonishwe nanguNgqongqoshe kazwelonke uNkk Angie Motshekga ngokwenza kahle kulesi sifundazwe.
Lesi sifunda sinyuke sisuka ku-58% ngo-2015 saya ku-77.6% nyakenye kwa-matric.
USithole uthe into eyabadonsela phansi ngemiphumela ngo-2015 kwakungabafundi abaduduliwe.
“Nyakenye sisike iphethini esifundeni iJohannesburg South lapho sahamba sayofunda khona ukuthi benza ngani. Izikole zabo zisendaweni efana neyethu, kunezikole ezisemakhaya nezisemadolobheni. Sabiza abazali babafundi abadudulwe kuqala unyaka, sabatshela ukuthi izingane zabo aziphasanga kahle kodwa zidudulelwe kwa-matric. Sibe sesakha uhlelo sasayina izinkontileka zokuthi uma kungukuthi imiphumela yamakota amathathu ayimihle kuyodingeka ukuthi babhale izifundo ezimbalwa hhayi zonke,” kusho uSithole.
Uthe kuthe sekufika isikhathi sokuthi abafundi bathathe izifundo ezimbalwa akubanga namsindo ngoba kwakuvunyelwene.
“Besinabafundi abangu-2 341 abaduduliwe ngonyaka odlule, sikhulume nabo bonke sibachazela. Cishe uhhafu wabo ubhale izifundo ezimbalwa abanye bazibhala zonke. Sizophucula uhlelo lwethu ukuze senze kahle kakhulu kulo nyaka,” kuqhuba uSithole.
Uthe njalo ngekota abahloli bebechaza ngemiphumela engemihle nokuthi bazoyiphucula kanjani.
Lesi sifunda sihlule isifunda uMlazi ebesihlale senza kahle esilale isithathu sathola * -74.42% nePinetown elale isine yathola * -66.38%.
UNgqongqoshe wezemfundo esifundazweni, uMnuz Mthandeni Dlungwane, uncome iMajuba wathi isuke kunombolo 8 ngo-2015 yaya kunombolo 1 ngo-2016.
“Lesi sifunda sinyuke ngo-18.47% kanti yisona esenze kahle kakhulu. Izifunda ezingu-12 zinyukile ngaphandle kweLembe elingenzanga kahle njengoba lithole * -52%. Kuningi esisokwenza ukuzama ukulungisa isimo ngeke sihlale nje konakala.”
Izifunda zenze kanje:
1. Amajuba: 77.4%
2.Umgungundlovu: 76.38%
3. Umlazi: 74.42%
4. Umkhanyakude: 69.17%
5. Uthukela: 67.7%
6. Pinetown: 66.38%
7. Ugu: 65.39%
8. Harry Gwala: 63.79%
9. King Cetshwayo: 63.42%
10. Umzinyathi: 58.13%
11. Zululand: 57.97%
12. Ilembe: 52.42%.