UMENGAMELI Jacob Zuma izolo uzichithile iziphakamiso ezithi akaxoshwe uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi kuleli uNksz Bathabile Dlamini ngenxa yokuqubuka kwesixakaxaka mayelana nodaba lwezibonelelo zikahulumeni nempesheni yabadala.
Engxoxweni nomsakazo, uZuma uthe uNksz Dlamini angehlulelwa ngemuva kuka-Ephreli 1, okuwusuku okubhekwe ngabomvu ukuthi bazozithola yini izibonelelo zikahulumeni abantu bakuleli abangu-17 million.
“Angeke kwenzeka ukuthi lelizwe lingahluleka ukukhokhela abantu abadala impesheni yabo, nginxusa isizwe ukuba sehlise amaphaphu silindele usuku lokuhola,” kusho uZuma.
UZuma uthe kuyamkhathaza ukuthi abantu sebeqala ukwahlulela kulolu daba.
UZuma uphawule kanje ngemuva kokuthi inkampani ebikhokhela izimpesheni iCash Paymaster Services (CPS) ithe ayisiboni isizathu esingenza ingakwazi ukuholela abantu ngo-Ephreli 1 yize ingakasayinwa inkontileka entsha.
Lokhu kushiwo nguMnuz Serge Belamant oyisikhulu sakwaCPS othe balinde ukuthi kusayinwe inkontileka kuleli sonto emuva kokuhlangana nabakwaSouth African Social Security Agency (Sassa). UBelamant ukusho lokhu ohlelweni lwezindaba zomsakazo iRadio 702. Yize imimoya isephezulu kubantu emuva kokuba kuvele ukuthi asikasayinwa isivumelwano, uBelamant uthe awehle amaphaphu.
“Sikulungele ukuholela abantu ngo-Ephreli 1 futhi angisiboni isidingo setwetwe. Ngesonto eledlule sihlangane nabakwaSassa kwaba nemibandela ebekwayo mayelana nesivumelwano esisha. NgoLwesihlanu sihlangane nabameli ukuqedela inkulumo ukuze silindele ukusayina,” kuchaza yena.
Uthe isivumelwano esizosayinwa sisha njengoba esidala sichithiwe yiNkantolo yoMthetho-sisekelo. Yize inkontileka kudingeka idlule ezigabeni eziningi ukuze iphasiswe, uBelamant uthe kwehlukile kulokhu ngoba kuyaphuthunywa. Njengoba kuke kwavela ukuthi amabhange nePosi baphumele obala bathi nabo bangaholela uma kunenkinga noCPS uthe yibona kuphela abangakwazi ukumelana nomthamo wezimpesheni.
Namuhla kulindeleke ukuthi ungqongqoshe avele phambi kwekomiti lezimali ePhalamende, iScopa, ezocacisa ngalolu daba. Abezindaba namaqembu ezepolitiki abanelisekanga ngesithangami sangeSonto lapho ungqongqoshe enqabile ukuphendula imibuzo. Wenqabile nokucacisa ngesizathu sokwesula emsebenzini kukaMqondisi woMnyango uMnuz Zane Dangor othe wesule ngoba bengaboni ngasolinye noNksz Dlamini ngalolu daba. Bangu-17 million abantu abathembele ezibonelelweni ezikhokhwa nguhulumeni.