EHLILE amaphaphu kubantu baKwaZulu-Natal uma bezwa ukuthi isishingishane esinamandla uDineo sehlise ulaka lwaso sesiza eNingizimu Afrika. Izolo bese siphelelwe ngamandla sesishaya imvula enamandla hhayi izikhukhula ebezilindelwe.
Isazi sezulu sakwaSA Weather Service, uMnuz Julius Mahlangu, sitshele Isolezwe ukuthi uDineo akasabizwa nge-Tropical Cyclone kodwa usebizwa ngeTropical Storm Ex-Dineo.
“UDineo ufike eNingizimu Afrika engasenawo amandla akade ehamba ngawo eMozambique yingakho sesimbiza ngeTropical Storm hhayi ngeTropical Cyclone. Umehluko wukuthi iTropical Cyclone inomoya onesivinini sika-119km/* kuya ku-156km/* kuthi iTropical Storm yona ibe nomoya ohamba ngesivinini sika-63km/* kuya ku-118km/* ,” kusho uMahlangu.
Mayelana nokuqanjwa kwezishingishane uMahlangu uthe ayikho imithetho ethile elandelwayo ngoba kuhlangana ithimba lezazi zezulu lize namagama okulula ukuwasho bese kuqanjwa isishingishane.
“Kudala beziqanjwa ngokulandelana kwama-alphabet kanti kwamanye amazwe beziqanjwa ngosanti kodwa manje kuyahlanganwa kukhethwe igama. Zikhona izishingishane eziqanjwe ngamadoda,” kusho uMahlangu.
Uthe ngo-2016/2017 amagama ezishingishane abekwa etafuleni ngo-Abela, Bransby, Carlos, Dineo, Enawo, Fernando, Gabekile, Herold, Irondo, Jeruto, Kundai, Lisebo, Michel, Nousra, Olivier, Pokera, Quincy, Rebaone, Salama, Tristan, Ursula, Violet, Wilson, Xila, Yekela, Zania.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, uNkk Nomusa Dube-Ncube ekhuluma ngomlomo kaMnuz Lennox Mabaso omkhulumelayo uthe ehlile amaphaphu njengoba sebezwile ukuthi uDineo akasenawo amandla amakhulu.
“Okushiwo yizazi zezulu wukuthi sekuzona imvula ngeke sisaba nezikhukhula siyakwamukela lokho. Imvula siyayidinga njengoba sinesomiso ukuze kugcwale amadamu ngaphambi kokuthi kungene ubusika. Amaphaphu ehlile ngoba besisaba ukuthi kuzolimala abantu bakithi,” kusho uMabaso.