CLOSE X
Advertisement

Sichithiwe isicelo sikaNtlemeza

Izindaba
Share this story
Berning Ntlemeza

INKANTOLO eNkulu ePitoli namhlaje ekseni ichithe isicelo sobeyinhloko yamaHawks, uMnuz Berning Ntlemeza, sokuthi abuyiselwe kulesi sikhundla.

IJaji uSheila Mphahlele lithe lolu daba aluphuthumi futhi bekumele ludluliselwe eNkantolo Yokudluliswa Kwamacala. UNtlemeza uphinde wacelwa ukuthi akhokhe zonke izindleko zesicelo asifake kule Nkantolo. NgoLwesithathu uNtlemeza ubememezele ukuthi ufuna iNkantolo ivimbe isinqumo sikaNgqongqoshe wamaphoyisa uMnuz Fikile Mbalula sokumxosha. UMbalula uxoshe uNtlemeza kumaHawks emva komyalelo weNkantolo eNkulu ePitoli nonyaka. UNtlemeza umiswa nje usolwa ngokungathebeki kulesi sikhundla. Ubecele iNkantolo ukuthi ivimbe isinqumo sikaMbalula kwazise usalinde isinqumo esizokhishwa yiNkantolo Yokudluliswa Kwamacala.  Isecelo sakhe sizolalelwa ngoJuni 2 kule nkantolo.
Share this story
Advertisement
X