SESIPHINDE sehlelwa yishwa kwezothando isitabane esaduma ngo-2013 ngemuva komshado waso owazamazamisa umhlaba wonke.
UMnuz Thobajobe Sithole owalaxazwa ngumyeni wakhe uMnuz Tshepo Modisane ngo-2015, izolo ubengcwaba isinqandamathe sakhe uMnuz Charles Gumede ehholo eNanda Newtown C. Kuthiwa uGumede obenesifo somdlavuza ushonele esibhedlela ngeledlule ngemuva kokuxinwa ukugula.
Inkonzo yomngcwabo ibiphethwe yibandla likaGumede iVictorious Ministries Church International elaziwa njengebandla lezitabane njengoba nomsunguli walo uMfu uZenzi Zungu eyisitabane sesifazane.
Udadewabo kaGumede, uNksz Pretty Gumede obehleli eduze kukaSithole enkonzweni unxuse, abantu ukuthi bayeke ukwahlulela izitabane.
“Abantu bahlale bethi kuyisono ukuba yisitabane. Bayekeni impilo yabo le. Ngiyalibonga ibandla lakhe iVMCI elilokhu lisisingathe njalo,” kusho uNksz Gumede.
USithole uthe uphatheke kabi ngokushona kwesithandwa sakhe aqala ukuthandana naso ngesikhathi eselungiselela ukwehlukanisa.
“UCharles bengimbiza ngobaba. Ubeyikho konke kumina. Ukwazile ukungeseka ngesikhathi ngibhekene nobunzima, abangani bami sebengilahlile. Besesihlela ukuthi uma ephuma esibhedlela sizothenga umuzi ngoba bese sifile ukurenta. Ngifike esibhedlela eseshonile, ngakhuleka, ngakhala ngimncenga ukuthi akavuke. Ubesezinhlungwini ezedlulele njengoba ubenesifo somdlavuza wesibindi, amaphaphu nobuchopho,” kusho uSithole.
Uhlulekile ukuzibamba wakhihla isililo efundelwa incwadi okuthiwa uyibhalelwe nguGumede ngaphambi kokuthi ashone. Incwadi ibithi angamkhaleli ngoba usesendaweni engcono.