CLOSE X
Advertisement

Siphelile isikhathi se-ANC: Maimane

Izindaba
UMHOLI weDA uMnuz Mmusi Maimane uthe akamzondi uMengameli Jacob Zuma kodwa ufuna wonke umuntu wakuleli aphile kahle kungabi uZuma yedwa.

UMaimane uthe unethemba lokuthi izophasa eyokuvota ngokuyimfihlo ePhalamende ukuze kukhishwe uZuma esikhundleni.

“Angimzondi uZuma kodwa ngifuna wonke umuntu aphile kahle. U-R250 million owakha umuzi wakhe eNkandla kwakungakhiwa ngawo imigwaqo, kufakwe ugesi namanzi. Sizoqhubeka simkhiphe uZuma hhayi yena kuphela kodwa kumele sikhiphe neKhabhinethi yonke namalungu e-ANC,” kusho uMaimane.

Share this story
UMHOLI weDA uMnuz Mmusi Maimane evakashele uNkk Fundile Mbatha eNondweni eNquthu izolo ngesikhathi iqembu lakhe liqhuba umkhankaso walo njengoba kuyiwa okhethweni ngesonto elizayo

Ukusho lokhu izolo ngesikhathi ekhuluma namalungu e-DA edolobheni iNquthu ngemuva kokungena umuzi nomuzi ekhankasa njengoba ngoLwesithathu oluzayo kuzobe kunokhetho lokuchibiyela kule ndawo.

UMaimane uthe i-ANC iyatatazela ngoba amaqembu aphikisayo ayangenisa.

“Bayatatazela ngoba ngo-2019 sizolibusa izwe siyinhlanganisela yamaqembu amancane. Siphelile isikhathi se-ANC,” kusho uMaimane.

Unxuse abantu ukuthi baphume bayovota uma behehwa ngokudla bakuthathe.

“Kuthatheni ukudla ngoba okwenu, okwentela. Kodwa uma senivota ngesonto elizayo nazi nivotela bani ngoba ivoti lenu liyimfihlo,” kuqhuba uMaimane.

Uqhube wathi kukhona abahubhuza amanga bethi i-DA ifuna ukuqeda izibonelelo.

“Yithina kuphela ePhalamende esathi imali ayinyuswe. Sifuna iphindwe kabili imali yezingane ngoba abaningi baphila ngayo,” kusho uMaimane.

Uthe ikhona imali ngoba kunezikhulu ezizokhokhelwa izizumbulu zemali yempesheni.

“Baningi oBrian Molefe (osebuyele kwa-Eskom) la ngaphandle abazophiwa imali. Izwe linayo imali yingakho sithi nabantu kumele bazuze,” kusho uMaimane.

UMengameli Jacob Zuma noMengameli we-IFP Inkosi Mangosuthu Buthelezi ngeSonto bazobe bethula izinkulumo emibuthanweni yamaqembu abo kule ndawo.

Share this story
Advertisement
X