I-EFF isabisa ngokuthi izoyinyomfa uma uMengameli Jacob Zuma esethula inkulumo yakhe yesimo sezwe ePhalamende ngoLwesine.
Ilungu lePhalamende kuzwelonke le-EFF elicele ukuba lingadalulwa ngoba lingavumelekile ukuthi likhulume nabezindaba lithe bazobe bekhona ngezinkani ePhalamende ngalolu suku.
Lithe kodwa ngeke baze bavumele uZuma ukuba akhulume nesizwe.
“Ngeke sivumele umuntu ontshontshayo ukuthi akhulume nesizwe,” kusho leli lungu.
I-EFF isimphazamise kaningi uZuma ePhalamende kwezinye iziqubu kwagcina kuqhuma iqupha ezindlini zombuso phakathi kwezikaMnuz Julius Malema nonogada.
Njengoba i-EFF isabisa ngokuyinyomfa iPhalamende ngeledlule liveze ukuthi zizobe ziqine ngokweqile ezokuphepha ezindlini zombuso ngalolu suku.
Ezokuphepha ezizobe zikhona zifaka nezobuNhloli. Kuthiwa kuzobe kuqashwe ngaphakathi nangaphandle.
Khona manjalo, amaqembu aphikisayo asezwakalise ukukhathazeka ngokuqiniswa ngokweqile kwezokuphepha ePhalamende ngalolu suku.
Ngeledlule i-DA ithe ayizange ihambisane nesinqumo sokuthi kuqiniswe ngokweqile ezokuphepha ngoLwesine.
Umholi weDA, uMnuz John Steenhuisen, ucashunwe ethi kabaqondi ukuthi kungani kudingeka ukuthi kuze kube khona ezobuNhloli ePhalamende ngoLwesine.
“Kungani kumele kube khona nalolu phiko kube kwenziwa umsebenzi ohlale wenziwa ePhalamende,” kusho uSteenhuisen.
Ngakolunye uhlangothi, nabezindaba nabo sebazwakalise ukukhathazeka ngokuqiniswa kwezokuphepha kakhulu ePhalamende ngoLwesine.
Banovalo lokuthi lokhu kungagcina sekubaphazamisa ekwenzeni umsebenzi wabo ngokukhululeka.
Kodwa ngeledlule uNobhala wePhalamende, uMnuz Gengezi Mgidlana, ucashunwe eqinisa idolo abezindaba ethi ngeke kuphazamise ukusebenza kwabo.
Umhlaziyi wezepolitiki ozimele KwaZulu-Natal, uMnuz Xolani Dube, uthe akabuboni ubuhlakani bokuqiniswa ngokweqile kwezokuphepha ePhalamende.
Uthe lokhu kuyizinkomba zokuthi uZuma usenyambanambana kubalingani bakhe.
“Kungani kulandwa amaphoyisa ngoba uZuma uzobe engekho kwi-rally kodwa uzobe esePhalamende nabalingani bakhe. Noma kungakhona abantu abangamfuni uMengameli angiboni ukuthi bangaze bamenzakalise, ngicabanga ukuthi inhloso yokuqinisa ezokuphepha wukugwema ukuthi kungabikhona mbhikisho,” kusho uDube.