ISINQUMO sokuthi uyahlakazwa yini uMkhandlu waseNquthu, onganyelwe wumxazululi, sizophuma kusasa.
Lokhu kuhlaluke izolo emhlanganweni wekomiti leNational Council of Provinces (NCOP) nezinhlaka ezehlukene obusehholo, eWar Memorial, eDundee.
Amalungu omphakathi, osomabhizinisi, izinyunyana, umkhandlu omele omasipala (SALGA), abamele amaqembu ezepolitiki nabamahlelo ehlukene emphakathini benze izethulo zabo, obekukhona kuzo nezibhalwe phansi ezizocutshungulwa yikomiti namuhla bese lenza izincomo.
Kusasa amalungu omkhandlu omele izifundazwe ePhalamende azovota ukuze kukhishwe isinqumo.
Isinqumo esizothathwa ngemuva kokuvota yisona esizobe sesicacisa ukuthi uyahlakazwa yini umasipala ukhetho luqalwe kabusha.
Awukaze uhlale umhlangano wokukhetha iMeya, iphini layo nesigungu esilawula umasipala ngemuva kokhetho lomasipala lwango-Agasti 3.
Lokhu kubangelwe wumdonsiswano wamaqembu ezepolitiki ngozohola umkhandlu osekubangele ukuthi abanye bafakane enkantolo.
Ilungu lomphakathi laseNhlababukhosi, eNquthu, uNksz Thandekile Zulu, lithe ukungahlali kukamasipala kudondisa izinhlelo zentuthuko, ezokuthuthukiswa komama nezinhlelo zokufunda kwentsha eduve emakhaya ngoba akekho ozophasisa isabelo-mali soxhaso lwabafundi abaphasela ukuyofunda emanyuvesi.
“Kunomsindo eNquthu, amaqembu anendaba nezikhundla sibe thina sivotela ukuthola izidingongqangi. Kuwukusibukela phansi lokhu okwenziwa osopolitiki ngoba kumele ngabe kade wahlakazwa umkhandlu uma kunezinkinga,” kusho uNksz Zulu.
Uthe kume yonke into ngisho izinhlaka ezibhekele ukuxhasa osomabhizinisi abasathuthuka azikwazi kwenza lutho.
Elinye ilungu lomphakathi, uMnuz Mahlathini Buthelezi, uthe ukuphinda kokhetho kuzokwehlisa isithunzi amakhansela abesekhethiwe. Uthe kungadala udweshu emphakathini, wanxusa ukuba kuqiniswe ezokuphepha eNquthu uma luqalwa phansi ukhetho.
“Kuwukumosha imali yabakhokhi bentela esikubona kwenzeka eNquthu. Zimile izinhlelo zentuthuko. Konke okushiwo yi-ANC umnyango uyakwenza, kunento efihlwayo la noma kunombango wamandla okuphatha eNquthu.”