UNKOSIKAZI kaSfiso Ncwane ubhoboke ngezinsuku zokugcina ngokwenzeka ngesikhathi edlula emhlabeni ngoDisemba 5.
U-Ayanda ubesohlelweni lukaDudu Khoza uJabul’ Ujule kuKhozi FM. Ucacise ngokwenzeka ezinsukwini ezintathu okwagula ngazo lesi sihlabani.
“NgoDisemba 3, wayeyocula eLimpopo, wangitshela ukuthi ukhathele, uzwa umzimba wakhe utubekile, akazi kudalwa yini lokho. Kodwa ngoba ukusebenza yinto ayeyithanda, wahamba wayocula. USimphiwe ongomunye wabaculi bakhe wangitshela ukuthi uNcwane ephuma esteji wafike walala phansi ethi uyaphumula ngoba usewenzile umsebenzi,” kuchaza * -Ayanda. NgeSonto ngoDisemba 4 ekuseni ngezithuba zehora lesithupha wamtshela ukuthi bahambe kahle kodwa umzimba wakhe usakhathele.
“Wathi ufisa ukuphumula, ucela ngimvuse uma sekulungile ukudla kwazise wayenomunye umcimbi okwakumele ayonandisa kuwona weKaya FM. Ngamvusa ngamtshela ukuthi sekumele bahambe,” kuchaza * -Ayanda.
Uthe ngesikhathi befika kulo mcimbi wamfonela wamcela ukuthi atshele abeKaya FM ukuthi akazizwa kahle, ucela ukuhamba angabe esacula.
“Waqhubeka wakhala ngokukhathala, zingekho izinhlungu azikhombayo.”
Uthe wafona wababikela abahleli bomcimbi, ababiza abezimo eziphuthumayo nabo baluleka ngokuthi akahambe aye ekhaya.
“Bafika ekhaya sengilungise ngisho izikhwama ngoba ngithi sizoya kudokotela kodwa wathi uzovuka ekuseni ngoba akubuhlungu ndawo.” Uthe besahleli ntambama endlini, bambona eseya ethoyilethe bezwa kunomsindo, uma bengena bamfica ewe phansi.
“Ngabiza abafana acula nabo, sambamba, waphaphama sengimthele ngamanzi wangibuza ukuthi kwenzekeni, ngamtshela ukuthi uwile. Abezimo eziphuthumayo bathi asimphuthumise esibhedlela ngoba asazi ukuthi kwenzekeni.
Sifike esibhedlela bamhlola ngaze ngacela ukuthi ababheke isifo senhliziyo ngoba ngo-2013 uke waba nenkinga yayo,” kuchaza yena.
Ngemuva kokumhlola odokotela uthe bathi inhliziyo yakhe ayinalutho kodwa babona enenkinga yezinso.
“Bangibuza ukuthi akaze abe sengozini yemoto, ngabatshela ukuthi akakaze. Bathi khona into esezinsweni zakhe, bazozikhuculula ukungcola. Odokotela bangitshela ukuthi izinso zakhe kunokuthi zibe ngcono ziyaqhubeka nokungasebenzi, ngabuza laba acula nabo ukuthi yini ayidlile, bathi akukho lutho.” Uthe wavuka ekuseni wabuyela esibhedlela nokwathi ngo-9 ekuseni bamkhipha ngaphandle ewadini ayelele kulona, kwafika udokotela wamtshela ukuthi umyeni wakhe usedlulile emhlabeni.
Esibhedlela uthe wayeyedwa, ethola izindaba zokushona kukaNcwane.