UKHALA ngonya lomnikazi wesikhungo sekhaya labadala laKwaMashu umndeni wesalukazi esithathwe kulesi sikhungo isidumbu saso sesonakele ngemuva kokuthi benqwahe naso ngoba kuthiwa ukweleta imali yamanabukeni.
UNkk Eunice Makhathini (81) waKwaMashu kwa-J, obehlala esikhungweni sekhaya labadala iThembeni Old Age Home khona KwaMashu, kuthiwa umndeni wakhe uthole ucingo ngokushona kwakhe ngoLwesithathu ekuseni luvela kumphathi wesikhungo.
UNksz Thandi Ngcobo (56), oyindodakazi kaNkk Makhathini, uthe ngemuva kokuzwa izindaba zokushona kukanina uthumele imoto yamakhaza ukuthi iyolanda isidumbu ngalo uLwesithathu ngoba yena ubesemzini wakhe eMthwalume kodwa umphathi wesikhungo uNkk Thobile Mhlongo washaya phansi ngonyawo wathi isidumbu ngeke sithathwe ngoba umndeni umkweleta imali engu-R6 000 yamanabukeni yezinyanga ezimbili ongazikhokhelanga.
UNksz Ngcobo uthe kuphoqeleke ukuthi babuye namaphoyisa ngakusasa beyolanda isidumbu sikanina basifica sesiqala ukonakala.
“Sifike isidumbu silaliswe phansi kukhombisa nje ukuthi kade sahlala. Okubuhlungu kakhulu wukuthi besisendlini eyodwa nalapho kuhlala khona ezinye izalukazi ezigcinwe kulesi sikhungo,” kusho uNksz Ngcobo.
Uphinde waveza ukuthi ngaphambi kokuba athole ucingo obelumbikela ngokushona kukanina uqale wafonelwa nguNkk Mhlongo ngesonto eledlule emtshela ukuthi uma kwenzeka unina eshona ngeke umndeni usithole isidumbu njengoba umkweleta imali yamanabukeni yezinyanga ezimbili. “Ngisola ukuthi ngenkathi engifonela okokuqala umama wayesevele eseshonile ngoba akazange angibikele ngokugula kwakhe kanti ubehlale engifonela uma kukhona okudingwa wumama,” kuchaza uNksz Mhlongo.
Ngesikhathi ithimba lezintatheli zeSolezwe lifika emagcekeni alesi sikhungo izolo litshelwe ngamadoda athile abesegcekeni ukuthi uNkk Mhlongo usesemhlanganweni ngakho ngeke akwazi ukukhuluma nezintatheli. Zibe seziyalelwa ukuthi zimthinte enombolweni yakhe ngehora lesine. Ethintwa uNkk Mhlongo unqabile ukuphawula wacela ukuthi intatheli ibuye ngakusasa (namuhla) ukuze akhulume nayo umlomo nomlomo. “Ngeke ngikwazi ukukhuluma efonini, ngicela ufike, nami kukhona engifisa ukukukhombisa khona,” kusho uNkk Mhlongo evala ifoni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthe lolu daba lubikiwe emaphoyiseni kodwa alikho icala eselivuliwe.
Umndeni uthe usazolinda imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu ukuze ubone ukuthi zikhona yini ezinye izinyathelo zomthetho ozozithathela isikhungo.
UMnyanggo wezokuThuthukiswa koMphakathi esifundazweni awutholakalanga ukuthi uphawule ngalolu daba.
Okhulumela umnyango uNkk Ncumisa Ndelu ucele ukuthi athunyelelwe umqhafazo kodwa kushaye isikhathi sokushicilela ethi usalinde imininingwane ngalolu daba.