USHAQEKILE umndeni wowesilisa oneminyaka engu-24 oshaywe yinyoka wagcina ngokushona kade evikela intombi yakhe ezithwele.
UMnuz Themba Hlabisa waseMtubatuba obehlala eQuarry Heights ngaKwaMashu ngenxa yomsebenzi kuthiwa ushaywe yimamba ngeledlule, waphuthunyiswa emtholampilo iKwaMashu Community Health Centre wafike washonela khona.
Udadewabo kamufi, uNkk Zodwa Mnguni, uthe bashaqekile ngokushona kukamfowabo.
“Sithole ukuthi wayelele nentombi yakhe ekhulelwe ngesikhathi behlaselwa yimamba emnyama. Sidumele ukuthi agcine ngokushona noma eseyiswe emtholampilo,” kusho uNkk Mnguni.
Izolo umndeni ubuzolanda isidumbu sikamufi emtholampilo ashonele kuwo njengoba kuhlelwe ukuba afihlwe namhlanje eMtubatuba.
Imizamo yokuthola intombi kamufi ayiphumelelanga njengoba abomndeni bethe abanayo inombolo yayo yocingo. Isolezwe liye kwaNkabinde eQuarry Heights lapho bekuqashe khona umufi nokuyilapho kwenzeke khona isigameko. Kulo muzi basagcine isikhumba senyoka eyabulawa ngumufi ngesikhathi betholana phezulu.
UNksz Nqobile Nkabinde uthe kuyinto ejwayelekile ukuthi kufike izinyoka egcekeni ngoba bahlala eduze nehlathi.
Lokhu kufakazelwe ngomunye oqashe kule ndawo, uNksz Thobeka Khumalo owazibonela inyoka ihlasela umufi.
“Ngangikade ngidlule ngasendlini kaThemba elele phansi nentombi yakhe bevule umnyango ngoba kwakushisa futhi kuyisemini. Ngathi sengisendlini yami ngezwa umsindo sengathi kulwa abantu. Ngathi uma ngiphuma endlini ngazithela phezu kukaThemba elwa nenyoka, eyishaya ngepulangwe, ngamuzwa esethi ‘yangiluma’. Yamluma esihlathini, waqala wakhihliza amagwebu ngamakhala nangomlomo. Wavele wawa phansi eduze kwayo, inyoka isifile,” kusho uNksz Khumalo.
Umngani kamufi uMnuz Mthobisi Nxumalo ukhale ngokunganakekelwa kukamufi emtholampilo njengoba egcina eshonile.
“Safika esibhedlela ngo-3:30 ntambama kodwa kwaze kwashaya o-7 ebusuku engazange asizwe njengoba waze washona ngo-8 ebusuku kusalindwe i-ambulensi ukuba imyise esibhedlela.’’
UMnyango wezeMpilo
KwaZulu-Natal izolo uthe ucela ukunikezwa isikhathi ukuze uphendule kahle ngesikhalo sokunganakwa kwalesi siguli emtholampilo.