INDODA yaseMnambithi esola owayeyisikhulu samaphoyisa KwaZulu-Natal uMnuz Vincent Mdunge ngokuyithathela ingoduso yayo, ithe akayithathe angakhokhi ngisho indibilishi.
UMnuz Mhlonishwa Mvelase (35) osemdubile uNksz Simphiwe Thwala (35), ukusho lokhu ngaphandle kwaseNkantolo yeMantshi yasePinetown ngoLwesithathu ngemuva kokuvela kukaNksz Thwala ngecala lokuphula umyalelo weProtection Order ngoLwesithathu.
Leli cala ebekuvumeleke ukuthi lithanyelwe yibo bobabili, lihlehliselwe U-Ephreli 11, ukuze kunikezwe uNksz Thwala isikhathi sokuthumela eyakhe incwadi yesifungo.
Ngesikhathi evela okokuqala eNkantolo yeMantshi eThekwini emasontweni amabili edlule kuthiwa wayephelezelwe nguMdunge nezingane zakhe ezimbili.
Yilapho abakwaMvelase baqopha khona i-video behleli ndawonye ebhentshini lasenkantolo, uMdunge egaxe isandla sakhe emuva kukaNksz Thwala.
“Yazini ngoba uSimphiwe wathatha isinqumo sokungishiya ahubhe ikhehla, akaqhubeke nalo. Uyena ozikhethele ikhehla lakhe, ngakho ngeke ngimlwise ngalokho. Umuzi esasiwuthenge ndawonye sesiwudayisile. Angisafuni lutho olungihlanganisa naye. Ngifuna aphume aphele kimina, angalokhu engithumelela ngamaphoyisa azwana neshende lakhe,” kusho uMvelase.
Uthe abakubo bakaNksz Thwala abakhululeke akazimisele ngokulanda izinkomo zakhe ayesezishaye zonke ngoba uyaqonda ukuthi akusibo abamthuma ukuthi amjolele.
Ekhuluma neSolezwe ngeSonto ngemuva kwecala uNksz Thwala uthe, akaphiki ukuthi uyazana noMdunge kodwa ngamampunge ukuthi yishende lakhe.
Yize phambilini wamphika kwiSolezwe ngeSonto wathi umfowabo womyeni wakhe uqophe i-video ezihlalele eduze komuntu angamazi.
“Angazi ukuthi uMhlonishwa uzozuzani ngokulokhu ebikela amaphepha ngezinkinga zethu. Uhlulekile ukulungisa izinkinga ebesinazo. Ufaka uMdunge entweni angahlangene nayo, ucikwa wukuthi ngangisizwa yindodakazi kaMdunge ngesikhathi ngimthathela iProtection Order. Akazi ukuthi unekela izwe amahlazo akhe ngoba sekuzovela ukuthi ngesikhathi engasebenzi yimina owayekhokhela indlu ngimthengela nezimpahla zokugqoka. Namafoni engamthengela wona ngamphuca ngeProtection Order,” kusho uNksz Thwala.
Phambilini uMdunge wathi uNksz Thwala isihlobo sakhe esikhulu esabafonela sicela usizo lwebheyili ngemuva kokuboshwa umyeni wakhe.
Emasontweni edlule uMdunge utshele leli phephandaba ukuthi uMvelase udlala isikhwele nokuhluleka ukumelana nokwaliwa.