USHIYE umndeni udidekile owesilisa waseNtshangwe obehlala nengoduso yakhe kubo, ovakashelwe yintombi ngoLwesine baxabana wayibulala maqede naye wazibulala.
UMnuz Lindokuhle Shange (31) waseDiphini, eFredville, eNtshangwe udubule uNksz Busisiwe Nqayi (28) waseTin Town kule ndawo phambi kwengoduso yakhe.
Ngokomndeni kaShange, ubejwayele ukubatshela ukuthi uzobe esefile emasontweni alandelayo. Uma efa, ucela ukugadelwa ingane yakhe.
Akucaci nokho ukuthi lokhu ubekusho ngani njengoba nobudlelwano bakhe nengoduso kungaveli ukuthi bebuhamba kanjani.
Udadewabo kaShange uNksz Londiwe Shange uthe: "Ubevakashelwe yintombi yakhe abanengane nayo. Ufike wathi ingane ayizongibingelela. Ngaleso sikhathi intombi ibikwenye indlu.”
Uthe nangosuku lwesigameko umfowabo uphinde amazwi avamise ukuwasho ukuthi ucela bamgadele ingane uma eshona.
“Ngithathe ngokuthi uyazidlalela ngoba ubevamisile ukuyisho le nto yakhe simkhuze kodwa bese size sajwayela. Ubevele kungonakele lutho athi uzoshona ngesonto elizayo,” kusho udadewabo kamufi.
Uthe bezwe ngezingane ukuthi umufi uxabana nentombi yakhe kwenye indlu.
Uthe ngenkathi efika endlini ebebekuyo ubafice beshudulisana bebanga isibhamu.
“Ngishaywe wuvalo ngaya kocela usizo kwabesilisa ngoba bengingazi nokuthi kanti unesibhamu.”
Esebuyela ekhaya nabantu abebezosiza, uNksz Shange uthi uzwe isibhamu sikhala kabili.
Sebefikile endlini, uthe umfowabo ubesevele eshonile intombi yona ishonele endleleni iphuthunyiswa esibhedlela.
Imizamo yokuthola umndeni kaNksz Nqayi ayiphumelelanga.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thandeka Mbhele usiqinisekisile lesi sigameko.