KUNGAKAPHOLI maseko ungqongqoshe wezeziMali uMnuz Pravin Gordhan ethule inkulumo yakhe yesabelomali izolo, uMnuz Brian Molefe useyilungu lephalamende le-ANC ngokusemthethweni emva kokuba efungisiwe namhlanje ekuseni eKapa.
Kuzokhumbuleka ukuthi kusabalele imibiko yokuthi uGordhan ubeyethula okokugcina inkulumo yesabelomali njengongqongqoshe wezeZimali njengoba angase adliwe yizembe kufakwe uMolefe esikhundleni sakhe. Kusuke omkhulu umsindo ngokuya kukaMolefe ephalamende bebodwa abakhala ngokuthi uqhamuke esevumbuka ephalamende engaziwa emazingeni aphansi kuKhongolose.
Phakathi kwabakhonondayo kukhona amaqembu aphikisayo namalungu alo iqembu elibusayo. UMolefe uyaziwa ngamava akhe ekuphatheni njengoba eseke waphatha inkampani ephakela ugesi kuleli i-Eskom wabuye waphatha nakwaTransnet. Umlando wakhe omuhle ekuphatheni uke wakhinyabezeka ngesikhathi igama lakhe livela embikweni womvikeli womphakathi ngodaba oluthinta izimpunyela zakwaGupta.