UNGQONGQOSHE wezeZimali kuleli uMnuz Pravin Gordhan uqhubekile nokunamathela emigomeni yokongiwa kwemali kahulumeni wazibophezela nangokuqoqa imali engu-R28 billion ngentela ekhokhwa abantu bakuleli ukuze ebhekane nokushoda kwezimali ezikhishwayo uma kwenziwa isabelomali. Usekhuphule intela ekhokhwayo kuwowonke umuntu ukuze kufezeke lo mgomo azibekele wona wokuqoqa imali. Ungene wathi shi emaphaketheni abakhokhi bentela wenyusa inani intela ekhokhwayo ngenhloso yokuqoqa u-R16 billion ukusiza isikhwama sezimali kuleli.
Uthe kube nesidingo sokuthi kuthathwe izinqumo ezinzima ukuze kubhekwane nezindleko kuphinde kuqhutshekwe kugcinwe izibophezelo ezenziwa zokongiwa kwezimali. Izinga lokukhula komnotho libe phansi kakhulu, kodwa kulindeleke ukuthi usimame ngonyaka ozayo. Bekulindeleke ukuthi umnotho ukhule kusuka ku-0.5% kusukela ngonyaka odlule, kube u-1.5% kulo nyaka. Ekhuluma nabezindaba uGordhan uthe abantu akufanele bemangale uma kunyuka intela.
Unyuse intela ngo-1% ngo-2015 nakulo nyaka uzobe enza okufanayo. UGordhan uthinte nodaba lwezinkulumo ezithi angase akhishwe esikhundleni kufakwe uMnuz Brian Molefe,u veze ukuthi akakugqizi qakala yena lokho ngoba usebenza ngokuyalelwa umengameli. Uthe kungumsebenzi kamengameli ukuqasha nokudiliza ongqongqoshe bekhabhinethi. EKhuluma ngesabelo mali sika R1.56 trillion izolo uGordhan uthe u-R320billion uzoya kwezemfundo, u-R187 billion uye kwezempilo,u-R195 billion uye komasipala bese uR198billion uye kwezokuphepha.
Uhulumeni usazoqhubeka nokonga izimali zomphakathi ngokwehlisa izindleko. UGordhan uncome omasipala ngokukwazi ukwehlisa izindleko kusuka ku-7.1% ngo-2014/15 kuya ku-6.1% ngonyaka odlule futhi nakulo nyaka kulindeleke ukuthi kufinyelele ku-4.5%. Ugcizelele nomyalelo kamengameli woguquko olunqala kwezomnotho ukuze kuqinisekiswe ukukhula kwawo. ''Uguquko lubalulekile luzoba wusizo kakhulu emnothweni wethu.'' kusho uGordan.
Usebenzise isisho seSetswana esithi ''Ditau ge dishumisana di ka bolaya nare'' esisho ukuthi ''úma amabhubesi esebenzisana ebambisene ngisho inyathi engayidibha phansi'' . ''Sakuveza enkulumeni yesabelo mali yamaphakathi ukuthi sizoqoqa imali enguR28 billion ngentela ekhokhway. "Sidinga nokonga imali engu-R26 billion eminyakeni emibili ezayo'' kusho uGordhan. Uthe kuzonyuka uphethroli nemikhiqizo ehambisanA nawo ngo30c ilitha bese kunyuswa ngo9c inhlawulo yeRoad Accident Fund. Kuzonyuswa utshwala nogwayi ngo-6% kuya ku-10%.