UKHALA ezimathonsi owesilisa waseMgungundlovu osola inyanga yodumo uBhodlumlilo ngokumqola * -R157 000 ethi welapha unkosikazi wakhe ‘ophuphunyelwa’ yizisu.
UMnuz Lungelo Mzolo (41), uthi ugilwe yile nyanga yaseThekwini eyazana nomkakhe.
“Umkami ubenenkinga yokuchithekelwa yizisu uma ekhulelwe. Ngenxa yokuthi nami benginenkinga yokulahlekelwa yimali ngendlela engingayiqondi ebhange, unkosikazi ungeluleke ngokuthi ngixhumane nale nyanga," kusho uMzolo.
Nakuba engazange afune ukuqinisekisa ukuthi uyekiswe yile nyanga emsebenzini, uthe ubone kungcono esule emsebenzini ukuze aqhubeke ayothuthukisa imfundo yakhe ukuze enze umsebenzi ongcono.
“Le nyanga yangitshela ukuthi ukunyamalala kwemali yami kudalwa wukuthi kunotokoloshe abayithathayo, yathi yona ingangisiza ekutheni ingisebenze ukuze le nto ilunge."
Uthi le nyanga yathi kuzomele le mali ayinikeze yona ihlale kuyo ukuze ingabe isanyamalala, nangempela wakwenza lokho.
“Yathi angiyovula i-akhawunti entsha ukuze uma isiyibuyisa le mali ingeke isaba nayo inkinga”.
Eseyivulile i-akhawunti uthe le nyanga ibisihlale imthembisa zonke izinsuku ukuthi izombuyisela imali yakhe kodwa kuze kube yimanje iyambalekela.
Uthe eflethini eyamkhombisa ukuthi ihlala kulona eThekwini ayisatholakali.
Nocingo lwayo uthi isiyaluvala uma eyifonela kanti uma kwenzekile wayifonela ngolunye ucingo, ithi ingezwa ukuthi uyena iluvale.
Uthe amaphoyisa athe ngeke akwazi ukumsiza ngoba imali aqolwe yona inkulu kakhulu.
“Angazi kumele ngenze njani, ngididekile. Nemali engize ngayo lapha eThekwini ngiyibolekile ngethemba lokuthi hleze imali yami iphinde ibuye. Unkosikazi akasebenzi kanti angabeletha noma nini. Angazi ngizokwenzenjani."
UMnuz Sboniso Zulu oyinyanga eyaziwa ngoBhodlumlilo, ukuvumile ukuthi baxhumana nalo wesilisa emva kokuba emtshele ukuthi kunomuntu ommise kabi ofuna ukumenzakalisa emva kokuthi ayetsheleke kuye imali.
“Ngamtshela ukuthi kumele akhanyise ngoba umsebenzi anginikeza wona mkhulu kakhulu wokuthi ngivale lo muntu angamhluphi ngiphinde ngiqinise yena nomkakhe," kusho uBhodlumlilo.
Ukuvumile ukuthi bavumelana ngokuthi imali ayifake kwi-akhawunti yakhe ngoba lo mlisa enenkinga ngokulahlekelwa yimali ngendlela engaqondakali.
Uthe wamtshela nokuthi imithi yokwenza lo msebenzi onzima ngalolu hlobo, kuzomele ayoyilanda eManguzi.
“Akulona iqiniso ukuthi ngiyidle yonke imali yakhe. Bengimfakela o-R1 000 bokuthenga ukudla ngoba engitshela ukuthi ulambile.”
Akakwazanga ukuqinisekisa imali eyagcina isisetshenziswe nguye ukwenza lo msebenzi ngoba ethi iziliphu azikho eduzane angabalela kuzo.