UKUDLA okudliwa manje ngenye yezinto ezinomthelela wokukhulelwa kwezingane zino-12 zisafunda amabanga aphansi.
Lokhu kuvezwe nguDkt Kukhanyakwezwe Ngobese, ongudokotela esibhedlela iNkandla, othe izingane sezikhulelwa zincane manje.
UNgobese uthe intombazane iqala ukuhlosa ineminyaka ewu-10, iye esikhathini ineminyaka ewu-12 kuya phezulu kuye ngokuthi ishesha kangakanani.
“Ukudla kwamanje kunomthelela nakho ekutheni izingane zisheshe zikhulelwe. Kwesinye isikhathi uthola ukuthi isandla asisaqinile njengakuqala. Abanye bajaha ukuya ocansini ngoba kuhlalwe kukhulunywa ngako emphakathini bese beshesha bekhulelwa,” kusho uNgobese.
Uthe uma ingane isiqale ukuya ezinsukwini zayo kulula ukuthi ingakhulelwa. Kuyingozi enkulu ukukhulelwa kwengane isencane ngoba kubeka engcupheni impilo yayo nengane.
“Kunyuka umfutho wegazi kanti kunezinto ezisuke zingakahlumi kahle kuye njengoba usuke esemncane engakagcwali kahle ukuthi usengathwala umntwana. Lokhu kubeka ingane engcupheni. Esikhathini esiningi ingane iyashesha ukufika emhlabeni noma ishone,” kusho uDkt Ngobese.
Uthe uma sebezibelethisa izingane bayazibuza ukuthi zisuke zikhuleliswe ngubani. “Kokunye uthola ukuthi ingane idlwengulwe ekhaya yaze yakhulelwa kodwa yesaba ukusho. Kokunye uthole ukuthi ikhuleliswe ngumfana (17) okanye womalume abasebancane. Ayahluka amacala asuke ethinta ukukhulelwa kwezingane ezincane.”
Umbiko weHuman Sciences Research Council wanyakenye uveze ukuthi u-11% wamantombazane uyakhulelwa unyaka nonyaka okwenza kube yingozi kuwona ukubeletha.
Ngokombiko u-20% wabantu besifazane abashonayo bebeletha iningi labo womama abasebancane.
Imbangela yokufa kwekota yabo wukunyuka komfutho wegazi (BP) nezinye izinkinga ezithinta isifo sofuba nengculazi.