Sekukaningi ngithola imibuzo izungeza ekutheni abesifazane abatshelwa ukuthi bayabanda ocansini; bebuza ukuthi ikhona yini into enjalo, uma ikhona kungabe yini imbangela? Le mibuzo iyaqhubeka ithi uma kungekho into ewukubanda ocansini, yini eyenza abesilisa okanye abesifazane baze baphimise la magama ahlabayo?
Ekuhlahleleni le mibuzo, ngiyafisa siphinde sibuke indima yabefundisi. Ngikhuluma ngabagcotshwa ekufundiseni ngocansi ikakhulukazi labo abangena emshadweni. Lokhu kubalulekile ngenxa yomthamo omkhulu wolwazi olunezimbomo eziningi, esizithola njengoba abantu bakithi bekhala ngapha nangapha ngento eyodwa: ewucansi.
Asibuyele kule mibuzo yokubanda kwezitho zangasese, sikwenza lokho sigibele kwabesifazane ikakhulukazi ngenxa yokuthi le mikhonto yemibuzo ijwayele ukubhekiswa kubona. Ngicela sibuke izitho zokuya ocansini kumuntu wesilisa nowesifazane. Lapha ngikhuluma ngenduku kwabesilisa nanomgudu lona owejwayekile kowesifazane wokuya ocansini uphinde ube ngumhubhe wokukhipha umntwana uma owesifazane ebeletha. Ngicacisa kanjena ngoba phela ayiyodwa indawo engasetshenziswa uma kuyiwa ocansini. Sehluka ngokuzihlungela ukuthi mina ngithanda lena kunalena, uma kunjena ngisebenzisa lena. Induku yowesilisa yakhelwe yaba ngaphandle komzimba uma uyithekelisa neyesifazane. Esinye sezizathu zokuthi ibe ngaphandle ukuthi imvelo imelwe ukugcina imbewu yesilisa isendaweni engashisi kakhulu ukuze okuqukethwe ezindunjini okuyile mbewu kungalinyazwa ukushisa nokushintshashintsha kwamazinga emzimbeni. Lokhu cishe kuyinto efanayo uma ubheka ezilwaneni ezifana nezinkomo, amahhashi, izimbongolo, nezinye. Izindumbu nenduku uyaye ukuthole kungaphandle komzimba. Akusiwona umbukiso lona. Njengoba sesishilo lokhu kwenzelwa ukugcina la mathuluzi abaluleke kangaka epholile, nakuqukethe kungahlukunyezwa amazinga aphezulu okushisa kwangaphakathi emzimbeni. Ngakwelinye isayidi amathuluzi esifazane ayingxenye yomzimba, ayingxenye yokugeleza kwegazi nokufuthelana kwalo. Lokhu kucacisa bha ukuthi esimeni lapho zonke izinto zisemazingeni angaphazamisekile, ubulili besifazane buyashisa kunobulili besilisa. Okusho ukuthi amathuluzi ethu thina madoda uma sikulezi zimo esikhuluma ngazo, ayabanda uma uwangcwekisa nawesifazane.
Ake siye esimeni lapho sesivukelwe, nakhokhe kowesilisa induku isifuna obekula, isiphungwa ngezithebe. Sekwenzekeni manje? Igazi selehlile laya emazansi endukwini, ubulili besilisa nenduku sekuvokomele igazi elishisayo bese nenduku isiyashisa manje. Omunye uNjingalwazi owayesifundisa wayethanda ukuthi, lokhu kwehla kwegazi lisuka emzimbeni liya ebulilini besilisa, bushodisa igazi ebuchosheni; lokhu bese kwenza kwabesilisa kwehle okanye kuphunduleke ukucabanga uma induku isimile, isiphungwa ngezithebe.
Abaziyo bazoba nombono wezinto ezenziwa ngabesilisa uma isimo sesinjena. Lokhu kuyashesha kumuntu wesilisa akufani nakowesifazane. Kowesifazane lo mgudu wokuvukelwa uthatha isikhashana, empeleni isikhathi esiningi kumele umjikeleze ngothando, ngisho amazwi amtoti, amehlo, ukwenza nje kwakho; uthi nje usufika ekusondezeni ucikicane wakho kuye; usungathi uma kuthiwa kukhona isidumo esikuthathayo esikusa kwenye indawo angavele akhale mi izinyembezi ngenxa yokufudumalelana kwegazi osekuseqophelweni eliphezulu. Ngalesi sikhathi igazi seligijime layothi mikithi esithweni sowesifazane, umgudu wakhe usunemfudumalo evele uyibambabambe induku, kowesilisa ezwe esezulwini elincane, kuqhakaza izinkanyezi azithole esehhuma engazazi uthini. Khumbula-ke ukuthi kwasekuqaleni kungakenziwa lutho, umgudu wowesifazane ubuvele uzishisela. Ukuhlangana komgudu wesifazane nenduku yesilisa, nakho konke okusondelene nawo; lokhu kuphehla ukushisa okuyisipesheli. Asikuhlonizi lapha ukuthi kulesi sigaba umuntu wesifazane ushisa bhe kunomlingani wakhe wesilisa.
Kulesi sigatshana esingenhla sikhuluma ngenduku evukelwe yaze yashisa ngenxa yezimvula zegazi ezithelekile. Le nduku ingena kowesifazane naye okuthe ngokwehla kwegazi wavukelwa, wagcine eseshisa bhe kunakuqala. Ake sithi ke lona wesifazane akavukelwe, okusho ukuthi alikho igazi elithelekile ukuze umgudu nomakhelwane kufafaze imvula yemfudumalo. Kanti lona owesilisa ngenxa yokushesha kwawakhe amathuluzi, igazi selitheleke lageleza, induku isime mpo; imfudumalo isibuzwa kuyo. Uma induku eshisayo, isingena emgudwini opholile ongavukelwe; kuzokwenzekani? Njengoba kulindelekile, uzozwa ukuphola lona wesilisa; kuze kusuke ukushisa kulona wesilisa kuguduze kuye kulona wesifazane. Umphumela walapho yini, owesilisa uzothi owesifazane uyabanda. Yini ezwe ebanda? Inkinga nguyena owesilisa ongene owesimame engakakulungeli, igazi elishisisayo lingakafiki. Ngenxa yokuthi ungene izinga kuye lenyukile ngenxa yokujaha wangabe esaqinisekisa ukuthi nakumlingani usevukelwe ngokwanele. Azokuzwa lapho vese umgudu opholile uma uqhathanisa nenduku yakhe. Ngigcizelela * ‘ngokwanele’ ngoba izikhathi eziningi abesilisa bayajaha kakhulu ukungena ngenduku abesifazane ngenxa:
Yolwazi oluphundulekile ngocansi, umuntu acabange ukuthi uyazi abesilisa abahlale besaba ukuthi induku ingaze iwe engakangeni.
Amanzi amponjwana Utshwala behlisa izinga lokushisa ngamazinga amabili (2 degrees Centigrade) emzimbeni. Inani elikhulu leli uma ukhuluma ngokwehla kokushisa emzimbeni womuntu. Uma uphuze utshwala, kufanele wazi amazinga akho nasemathuluzini aphansi.
Owesilisa onede angezwa ubumanzana obuncane emgudwini wesifazane, hhayi usesho phakathi; dlubhe!
Ukujwayelana ocansini, nokuya ocansini endaweni efanayo nangendlela efanayo
Owesifazane osabayo, engaphumeli obala asho ukuthi akakabibikho esimeni, makulindwe aze abe kahle.
Ake sibuke ezinye izimo ezingenza ukuthi umgudu wowesifazane uphole okanye uthathe kude ukunyuka uye ezingeni eliphezulu lokushisa:
Umgudu osuhlanzeke ngale ndlela kwaze kwehla isibalo samagciwane ayindalo okumele ahlale ekhona. Amagciwane asesithweni sowesifazane anomsebenzi wawo. Ngaphandle kwalokho ayazitshuzela, ayachamsela, ayadla, anemikhiqizo ethile. Ukuba khona kwawo kuyalinyusa izinga lokushisa ngenxa yemikhiqizo yawo. Uma lo mgudu usuhlanzwe ngale ndlela yokuthi inani lala magciwane lehlile, kusho ukuthi nezinga lokushisa kwawo umgudu liyothi kancane ukwehla. Kumele siqaphele imikhiqizo esiyisebenzisayo uma sihlanza imigudu yesifazane. Kukhona nabesilsa abathandayo ukuya ocansini nomuntu okuzolokhu kuthi “thaphu” iphunga lomgudu wakhe. Iphunga elingekho mandla kodwa eliletha lawa makha azoba ngumehlukwana.
Umgudu osunezicubu esezithambile uthatha kude ukusebenzelana ukuze kugeleze igazi elizovokomalisa lishisise. Okusho ukuthi qinisa izicubu zomgudu ukuze kungehli ukushisa. Sikhulumile kule ngosi ngendlela yokuhlola ukusebenza kwezicubu.
Ukuvula imilenze kakhulu uma kuyiwa ocansini kungenisa umoya omningi emgudwini wowesimame, bese ungathi uyaphola umgudu lona kwehle ukushisa; kwesinye isikhathi lomoya osungenile wenza kube nomsindo ozwakala kabi, osuka ebulilini besifazane. Ngiyethemba nanamhlanje siyabona ukuthi ‘gengelezi’ imilenze, kunokuphaphalaza okuningi uma kuyiwa ocansini.
Ubudala ngeminyaka, kusho ukuhamba kancane kwezinto eziningi kuhlanganisa nokuncipha ngokwesakhiwo (atrophy) kwezingxenyana eziningi.
Lokhu kungaholela ekutheni owesifazane athathe isikhathi eside ukuvukelwa. Lokhu kungasho ukuthi umlingani wakhe kumele akuqonde lokhu, ukuze akwazi ukumnikeza isikhathi esanele ukuze umzimba wakhe utotobe kahle kuze kufike endaweni efanele. Uma lokhu kungenzeki, uyothi umlingani wakho ungena kuwe, akuthole usapholile; bese egcine ethi uyabanda.
Isimo okanye ingcindezi emqondweni ingakudodobalisa ukugeleza kwegazi emzimbeni bese kuhamba kancane ukufika kwegazi emgudwini wesifazane. Okusho ukuthi ngaphambi wena wesilisa uthi umlingani wakho uyabanda, zibuze ukuthi ayikho na into esemqondweni alwa nayo engenza ukuthi ukugeleza kwegazi kwehle? Mhlawumbe uyothola ukuthi nguwe ngqo oyimbangela yalokhu kufadalala kwegazi.
Uma sihlanganisa lokhu okungenhla, kuyacaca ukuthi ukukhala ngokubanda kowesifazane kunokwenza kakhulu ngokungaqondi kahle kowesilisa ngocansi, nangendlela umzimba osebenza ngayo. Ezinye izizathu zokwehla kwezinga lokushisa emgudwini wesifazame, yizimo nezinto ezingashintsheka.
Esigabeni sesibili ngifisa sibuke ukungafundiseki ngocansi okudalwa yizimo eziningi. Kulezi kukhona nokungafundiswa ngalo ngabefundisi uma kulungiselelwa umshado. Abefundisi babalulekile kakhulu kule ndima ngoba yibona abawezela abashadayo ngaphesheya ezweni lendoda nenkosikazi. Kuleli banga engikulo lempilo, sengihlangane nabefundisi abaningi, ngaxoxa nabantu abanhlobonhlobo. Ngiphinde ngahambela nezimfundiso eziningi ezikhuluma ngomshado. Abazoshada uma sekufikwa kwezocansi kukhiwa phezulu kakhulu, kwesinye isikhathi kuthiwe thengani izincwadi nizifundele okanye nithenge iziqephu zocansi nibukele. Lokhu kukude kakhulu kunalokhu okudingekayo. Abantu bazoshada bagcina sebelinde loya mndondoshiya wenduku oseziqeshini zocansi, induku efakwa ngapha ikhishwe ifakwe ngapha. Uma bethi bayenza laba asebeshadile akusenzeki. Imiphumela yalapho ukungezwani okumsusa wakho wucansi kugcine sekuxhantele okuningi bese kuyahlukwanwa ekugcineni. Abazoshada badinga ukufundiswa ukuthi kuyiwa kanjani ocansini? Baphathi bamabandla, abashadayo bayazi ucansi lukhona, bayazi kufanele kuyiwe kulo, abangakwazi ukuthi kanjani? Yikho usuthola abantu bevula imilenze gengelezi. Bese eyakhala omunye athi: Mkami ubulili bakho buyabanda, abungenelisi”. Amagama abuhlungu kakhulu lawa ongawasho kumuntu othandana naye, angiphathi koshade naye. Uma ususho njalo usumqedile, bayothi beza kuwe mfundisi kuyobe sekuyizaba nje. Abashadile, ibandla, isizwe; uwonke wonke osezingeni elifanele; makafundiswe ukuthi kuyiwa kanjani ocansini. Izinto ezithile zenziwelani? Abagcotshwa mabenze izinhlelo eziqondile ngalokhu ngoba uma ushadise abantu ungaqinisekisanga ubunzulu bokufunda kwabo ngocansi. Kumele wazi usutshale, wavundisa, wanisela imbewu yenhlukanhlukano. Ukuthi ubani unengane akusho ukuthi bayazi ngocansi. Abantu mabafundiswe, thina esifundiswayo sithobele imfundiso.
UDokotela uBongani Nxumalo utholakala:
078 499 0355
076 620 4598
Mpilonhle Mpilonde!!