UMGCINIMAFA-JIKELELE we-ANC, uDkt Zweli Mkhize, uyaziqhelelanisa nombiko wabezindaba oveza igama lakhe kuthiwa uphakanyiselwe ekutheni abe yiPhini likaMnuz Cyril Ramaphosa, yena ovela ekwesobumengameli njengoba kubhekwe engqungqutheleni yokukhetha ubuholi bukazwelonke ezoba ngoDisemba.
Ekhuluma ohlelweni lndaba kwiGagasi FM izolo, uMkhize unxuse ukuthi amalungu ombutho ayeke ukulokhu ephakamisa amagama njengoba kubhekwe engqungqutheleni.
“Kumele sihloniphe ukuthi i-ANC ithini, okwamanje akukakabi yisikhathi esifanele sokuthi kuphakanyiswe amagama, kodwa umbutho uthe kumele sigxile ekukhulumeni ngemigomo yeqembu siphinde sibheke ukuthi yibaphi abaholi abangaphakanyiswa ngokubheka amava abo, hhayi kodwa ukuthi sibalule amagama abo ngoba lokho kwenza ukuthi kuphakame imimoya isidingo singekho,” kusho uMkhize.
Uthe amagama akhona nalawo angekho ayobe esekhona engqungqutheleni.
Iphephandaba eliphuma nsukuzonke, likhiphe umbiko lapho licaphune khona imithombo engadaluliwe eveza ukuthi kunohlu lwamagama abaholi okubhekwe ukuthi bangene ohlangothini lukaMnuz Cyril Ramaphosa oncintisana noDkt Nkosazana Dlamini Zuma esikhundleni sokungena kwesikaMengameli Jacob Zuma.
Kulolu luhlu kukhona uRamaphosa kwesobumengameli, uMkhize yena kuthiwa uzoba yiphini, uNdunankulu waseGauteng uMnuz David Makhura yena kuthiwa uzoba unobhala-jikelele weqembu. Kuvela ukuthi usihlalo wenhlangano kuzoba uNkk Thandi Modise, umgcinimafa uMnuz Enoch Godongwana.
UMakhura naye uwugxekile lo mbiko wabezindaba wathi ubukela phansi imizamo eyenziwayo yokubumba inhlangano.
I-ANC Women’s League izolo iqhubekile nokuthi iseka uDkt Dlamini-Zuma kwesobumengameli. I-ANCWL ihambisane ne-ANCYL ekuphusheni umkhankaso kaDlamini-Zuma.
Ngakolunye uhlangothi, uRamaphosa yena usekwa yiSACP neCosatu asebephumele obala.
UMkhize uphinde waphawula ngodaba lwamalungu e-ANC athe uma engeneme ngemiphumela yokhetho lobuholi besifundazwe ngo-2015 olwaluseMgungundlovu bavulela ubuholi obakhethwa icala. Uthe ngokwakhe asikho isidingo senkantolo kulolu daba, amaqabane kumele axoxe ngalolu daba athole isixazululo. Ukhale kakhulu nangenkohlakalo, wathi kukhona okwenzekayo njengoba beboshwa nje abenza inkohlakalo.
Ephawula ngoqhekeko kwi-ANC nalabo abazibiza ngamagama afana noPremier League, uthe ayikho into eyiPremier League kwi-ANC, egxeka abezindaba ngokuthi yibona abaqhamuka nala magama.