UMVIKELI womphakathi u-Advocate Busisiwe Mkhwebane uthi uzoziphendulela ezinsolweni abekwa zona ngabebhange loMbuso nabase-Absa.
UNksz Cleo Mosene obhekelele ezokuxhumana ehhovisi loMvikeli woMphakathi uthe namhlanje u-Advocate Mkhwebane uyofakana awakhe amaphepha enkantolo futhi uzokhuluma nezintatheli uma udaba seludingidwa yinkantolo.
“Wudaba olubucayi lolu asikwazi ukuluxoxa nezintatheli. Okwamanje u-Advocate Mkhwebane uzophikisa izinsolo azibekwa yibhange loMbuso nabakwa-Absa. Akawatholanga amaphepha avela ehhovisi likaNgqongqoshe weziMali usafunda izitatimende zabo emaphephandabeni,” kusho uMosene.
Uziphikile izinsolo zokuthi u-Advocate Mkhwebane uyagxambukela ezindabeni okufanele zidingidwe yiphalamende kodwa wenza izincomo ngemibiko asuke eyikhiphile.
UMvikeli woMphakathi uzithola esefakwa enkantolo ngenxa yombiko wakhe obuthi abebhange lakwa-Absa kufanele bakhokhe u-R1.25 billion abatakulwa ngawo yibhange loMbuso.
Uthe ibhange loMbuso aliziphathanga kahle ngesikhathi liphikha le mali ngoba kubukeka sengathi yakhishwa ngaphandle kokulandela umthetho.
Emuva kokuphuma kwalo mbuko irandi laba nokuntengantenga kanti umphathi webhange lo mbuso uMnuz Lesetja Kgangago uthe akusilo iqiniso ukuthi imali yakhishwa ngokungemthetho futhi akahambisani nokuthi kumele ibhange lombuso linqindwe amandla.
Abakwa-Absa nabo bayazithintitha bathi abazani namali ebayikweleta ibhange lombuso noma izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ngoba ngesikhathi bethenga i-Bankcorp isikweletu sebhange lombuso sasifakiwe emalini yokuthenga leliyabhange elalisebenza ngesikhathi sikahulumeni wobandlululo.
Okwamanje kusafakwe amaphepha enkantolo futhi belungakaphumi usuku lokulalelwa kwecala.