UMNYANGO wezoLimo nokuThuthukiswa kweZindawo zasemaKhaya KwaZulu-Natal, uthi ume ngomumo ukusiza abalimi kwisikhonyane esihlasele emapulazini, kulesi sifundazwe.
Lokhu kushiwo nguNgqongqoshe walo mnyango, uMnuz Themba Mthembu, esithangamini nabezindaba ebesiseCoastlands Hotel, eThekwini, izolo.
Kulesi sithangami, lo mnyango ubuqonde ukuzocacisa ngezinhlelo onazo ukulwa nalesi sikhonyane esaziwa nge-fall army worm okuthiwa siqale ukubonakala ezifundazweni ezimbili okuyiLimpompo neNorth West ngoDisemba nyakenye.
“Ngifuna ukuqinisekisa abantu nabalimi ukuthi siwumnyango siqaphe ngeso lokhozi ukuthi asiwenzi umonakalo omkhulu kulesi sifundazwe,” kusho uMthembu.
Uthe umnyango wakhe awunalo uhlahlomali olwanele lokunxephezela abalimi asebevele bakhahlanyezwe yilesi sikhonyane, kodwa bazoqinisekisa ukuthi wonke amapulazi asehlonzwe njengahlaselwe ayayithola imithi yokubulala lesi sihlava. “Sithumele nezinhloli zethu kuso sonke isfundazwe ukubheka izindawo lesi sikhonyane esihlasele kuzo ukuze siqhamuke nesibalo esicacile somanakalo osudalekile. Sizophinde siqwashise, sifundise abalimi ngalesi sihlava ukuze kube lula ukusibona sisheshe sinqandeke kungakadaleki umonakalo omkhulu,” kuchaza uMthembu.
Uveze ukuthi umnyango usebenzisana nabalimi ukuhlonza ezinye izindawo ezikhahlamezekile. Unxuse abalimi ukuthi babike noma yini abayisola sengathi iyilesi sihlava emahhovisi alo mnyango aseduze.
Izifunda osekubikwe ukuthi sezihlaselwe yisikhonyane kulesi sifundazwe, Amajuba, uThukela, uMkhanyakude noMasipala iZululand.
Echaza ngokusabalala nangokuzalana kwalesi sihlava, uNksz Fikile Qwabe osophikweni olwenza ucwaningo ngezitshalo kulo mnyango, uthe i-army worm izalela amaqanda angu-250 ngosuku, iwachamisele ezinsukwini ezintathu.
“Amaphaphu phansi, into eyenza i-army worm idale umonakalo ukuthi besingakabi nawo umuthi olungele ukulwa nayo njengoba bekuyisihlava esisha kuleli. Ngakho kudingeka ukuthi sicubungule siqhamuke nomuthi ongakwazi ukumelana naso, kodwa akukubi kangako,” kusho uNksz Qwabe.