ISIKHULU sakwa-SABC uMnuz Hlaudi Motsoeneng sithi asizimisele ngokuphumela obala ngokuvela phambi kwekomiti lasePhalamende eliphenya ngokuziphatha kwamalungu ebhodi ale nhlangano.
Ekhuluma naleli phephandaba izolo, uMotsoeneng ushaye ngezimfushane wathi: “Angizimisele ngokukhuluma ngalolu daba kwabezindaba”.
Ebuzwa isizathu, ugcizelele ngokuthi ngeke aze aphawule lutho. Ukhuluma kanjena nje uMotsoeneng, ngoLwesine bekulindeleke ukuthi kucace ukuthi angase avele nini phambi kwaleli komiti.
Ephawula ngokumele kwenzeke ngoMotsoeneng, uSihlalo waleli komiti uMnuz Vincent Smith, uthe kusazocaca ngokuhamba kwesikhathi ukuthi bazombiza yini ukuthi azofakaza.
Ingcindezi yokuthi uMotsoeneng naye ethule ubufakazi phambi kwaleli komiti, ifakwe yi-United Democratic Movement (UDM) emva kokuthi uSotswebhu wayo uMnuz Nqaba Kwankwa, ephakamise ukuthi uMotsoeneng kuzomele athule uhlangothi lwakhe njengabo bonke ababizelwa ngaphambi kwaleli komiti.
UDkt Ben Ngubane noNkk Ellen Zandile Tshabalala, babe ngabokugcina ukwethula ubufakazi babo phambi kwaleli komiti. Bobabili basolwa ngokuvikela ukuqashwa kukaMotsoeneng.
Phakathi kwezinto uMotsoeneng asolwa ngazo, ngukuba nesandla odabeni lwenkontileka eyanikezwa iMultichoice, lapho i-SABC yakhokhelwa khona * -R550million ngale nkontileka.
Kulindeleke ukuthi ngenyanga ezayo ikotimi liqede ngombiko walo bese liwuhambisa ePhalamende. Sekusele kuMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma ukuthi uthatha siphi isinqumo emva kokuba esewubonile lo mbiko.
Kunabanye ePhalamende asebephakamise ukuthi uZuma kumele awachithe onke amalungu ebhodi amadala, aqashe amasha.