INGANE uma iyoqala isikole kusuke kukuningi okuyidida umqondo futhi nezinto eziningi zifika njengezintsha kuyo.
Lokhu kwenza kube nzima kakhulu kothisha uma kukhona uhlobo lwesifo noma lwemishanguzo ingane eyisebenzisayo kodwa bengenalwazi ngakho.
Ngesinye isikhathi kuyenzeka kube nezingane ezigcina zingayiqedanga nemigomo yokukhula zigcine sezingenwa yizifo.
Ngokongoti bezempilo akumele nakancane umzali abafihlele othisha noma ngabe yinto encane kangakanani ephatha ingane yakhe ukuze bakwazi ukuyigada, bayisize ngokwezinga le nto eyihluphayo.
Kujwayelekile ukuthi abazali badedele izingane ziye esikoleni bengaziphuzisile imishanguzo yazo.
Baphinde bangayifaki imishanguzo esikhwameni uma ziya esikoleni ukuze zikwazi ukuqhubeka nayo njengomyalelo kadokotela.
Ongoti bathi akukhathaleki noma ngabe kubukeka kuyinto encane kangakanani ehlupha ingane kodwa kumele kubikiwe ikakhulukazi uma kuyizifo ezifana nekhanda, isisu, isifo sofuba, igciwane lengculazi, amehlo, isifo sokuwa noshukela.
Noma umzali engeke azisa bonke othisha esikoleni kodwa kulabo abasondelene nengane yakhe kumele bazi ukuze bathole indlela yokufundisa nezinye izingane ukuthi unakekelwa kanjani umuntu onaleso sifo.
Okumele umzali akuqikelele:
* Ukufunda kabanzi ngohlobo lwesifo esiphatha ingane yakhe ukuze akwazi ukuchazela uthisha ngokubaluleka kwemishanguzo.
* Uma kukhona imithi noma amaphilisi adinga ukuthi ingane iwaphuze nangesikhathi sesikole, kufanele baziswe othisha ngawo ukuze bayiphuzise noma engekho umzali.
* Izincwadi zokugula kwengane kumele zibe khona uma isesikoleni, ukuze bakwazi ukuyiphuthumisa emtholampilo uma isukwa wukugula kwayo.
Lokhu kuzolekelela nabahlengikazi bangaqageli ngemishanguzo eyisebenzisayo.
* Uma kukhona izinguquko ezenziwa odokotela ngengane yakho, phinda ubazise othisha.