KUSOLWA uqhekeko phakathi kweMeya yeTheku nePhini layo ngemuva kwesinqumo seMeya, uNkk Zandile Gumede sokuleqa, yaqoka omunye umuntu ukuthi ayibambele njengoba iye phesheya.
Kusuke umsindo izolo emhlanganweni wesigungu esilawula uMasipala weTheku, iDA ibuza ukuthi ngubani obambe isikhundla sikaNkk Zandile Gumede njengoba ese-United States of America ngomsebenzi womkhandlu ozothatha izinsuku ezintathu.
Okuthukuthelise amakhansela eDA yincwadi okuthiwa ibhalwe nguNkk Gumede eqoka uSihlalo wekomidi lomnyango wezokuHlaliswa kwaBantu nokuThuthukiswa kweNgqalasizinda, uMnuz Mondli Mthembu, ukuthi abambe izintambo njengoba engekho yize likhona iphini lakhe uNkk Fawzia Peer.
Isigaba esiwunombolo 49 (2), womthetho olawula ukusebenza kwezinhlaka zikamasipala, uthi iphini lemeya linegunya lokwenza umsebenzi wemeya uma ingekho.
Kwenzeka lokhu nje vele uNkk Peer wayengekho ohlwini lwabantu ababekhethwe nguNkk Gumede ukuthi babe sesigungwini sakhe. Phambilini kwavela ukuthi lolu hlu lwashitshwa yi-ANC sekufakwa uNkk Peer nabanye ngoba kuthiwa kufuneka abantu abanesipiliyoni.
Ngaphambi kokuqala komhlangano, umholi wekhokhasi yeDA emkhandlwini, uMnuz Zwakele Mncwango, ubuze uNkk Peer obengusihlalo womhlangano ukuthi ngubani obambe isikhundla sobumeya phakathi kwakhe noMthembu.
USomlomo uMnuz William Mapena, uphendule ngokuthi ikhona incwadi ebhalwe yimeya eqoka uMthembu ukuthi abambe izintambo zobumeya njengoba ingekho.
Ukushuba komhlangano kwenze uNkk Peer wathi kumbeka esimeni esibucayi ukuthi kubhungwe ngaye, ngoba akazi ukuthi kumele athathe siphi isinqumo ngalolu daba.
UMncwango uthe kuyadabukisa ukuthi umbango wangaphakathi ku-ANC uphazamisa ukusebenza komkhandlu, kuphulwe nomthetho njengoba kushaywa uNkk Peer ngesithende.
“IDA iyazi ukuthi iphini lemeya libukelwa phansi ngoba likwenye ikhempu ye-ANC futhi alithenjwa. Kuyoze kube nini umkhandlu uholwa umuntu ongenandaba nemithetho yezwe?” kubuza uMncwango.
Uthe abamfuni uMthembu kwesobumeya, bambheke ngamehlo okhozi ukuthi akasayini lutho edinga ukusayinwa yimeya, kungenjalo bazonikela enkantolo.
Uthe bazobhalela noNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu esifundazweni, uNomusa Dube-Ncube bafune akuhoxise ngokushesha ukuqokwa kukaMthembu.
Okhulumela iMeya, UMnuz Mthunzi Gumede, ukuqinisekisile ukuthi kubekwe uMthembu ezintanjeni zokuphatha ngoba imeya iphesheya engqungqutheleni yezinsuku ezintathu okubhungwa kuyo ngokuguquguquka kwesimo sezulu futhi ngesonto elizayo izoya e-England.
Kuthintwa okhulumela i-ANC esifundazweni, uMnuz Mdumiseni Ntuli, uthumele umyalezo othi uyaxolisa ngeke akwazi ukukhuluma usematasa.
Okhulumela umnyango oholwa uNkk Dube-Ncube, uMnuz Lennox Mabaso, uthe abanalo ulwazi ngokwenzeke eThekwini. Uthe imibuzo emayelana nokuthi ubani okumele abambele imeya uma ingekho, ayibhekiswe emkhandlwini.
Umhlaziyi wezepolitiki ozimele, uMnuz Protus Madlala, uthe akujwayelekile okwenzekile ngoba kuvamise ukuthi iMeya uma ingekho, izintambo zibanjwe yiphini layo.