LUYITHUSILE udumo eluthola enkundleni yezokuxhumana, uFacebook, insizwa yaseMsinga, eMaChunwini, * -Israyeli “Qhubinja” Ntombela (25), osematheni kulezi zinsuku.
Kube nesasasa kusukela ngesonto eledlule kuFacebook ngesikhathi abantu beqala besabalalisa izinto ebezibhalwa nguQhubinja ekhasini lakhe, echoma ngokubiza kwezinto azigqokayo nemali ayiholayo.
Le nsizwa ibifaka izimpahla ebithi ezamabhinca ezibizayo ifakazelwa nayiziliphu ebezikhombisa amanani azo.
Konke lokhu ubethi ukuthenga ngemali engu-R12 000 ayiholayo.
Enkulumweni ekhethekile abe nayo neSolezwe izolo, uthe yena uyibhinca futhi uyaziqhenya ngalokho ngakho uphila impilo yasemakhaya.
“Ngikhule ekhaya elingamile kahle ngokwezimali, ngikhuliswa umama nobaba onamakhosikazi amabili. Kubaba besiyizingane ezingu-18, ngakho impilo ibingekho mnandi nokwaphoqa ukuthi ngize ngigcine kwaGrade 11 ngifunda eFundokuhle High, kwaKopi,” kusho uQhubinja.
Uthe uhambile waya eGoli eyofuna amatoho, ngenhlanhla walithola kwenye inkampani eyenza insimbi angathandanga nokho ukuyidalula.
“Ngesikhathi ngifika eGoli, ngahlala ehostela iGeorge Goch, ngingakhokhi lutho ngibona nemali engiyiholayo zisuka nje, inkulu kakhulu.
“Ngaqala ngazibekela umgomo wokuthi kungcono ngiyibeke ngoba ngithenga ukudla kwami, impuphu namathini kuphela ngigcine ngokufakela umama imali engu-R3000, kusale enye iningi,” kuchaza yena.
Kweminye imibhalo yakhe kuFacebook uveze ukuthi uthenge imoto, iPolo, ngo-R65 000.
Ukubeke kwacaca ukuthi akayithenganga ngesikweletu ngoba imali yokuyithenga ubeyibeka futhi nezimpahla azigqokayo uzithenga ngokheshi, akanasikweletu.
Uthe ungumuntu oshadelwe unamakhosikazi amabili, uNtombizodwa Khumalo onezingane ezimbili noCebile Nzuza onengane eyodwa.
“Ngisemncane, ngakho ngisuke ngiqinisile uma ngithi ngifuna othisha namanesi ngoba uma ngibe nenhlanhla ngahlangana nabo, ngamthanda ngiyomshela, anginankinga kodwa kungabi yilo muntu ogcoba iziphaqulo ngoba angihlangani ngempela naleyo nto. Angilifuni nebhulukwe ngiyibhinca impela mina,” kuchaza yena.
Ukugcizelele ukuthi naye njengoba ebenza lokhu akwenza kuFacebook yingoba efuna ukuqhakambisa amabhinca.
“Unyaka wamabhinca lona, abantu abakuvume lokho. Siya kude kakhulu manje ngeke sisavinjwa muntu, nonyaka uhlukaniswe umaskandi kuyabonakala ukuthi ububhinca into engenayo esitayeleni.”
Uthe njengoba kwenzeka kanjena, kukhona abantu abamthukayo kodwa akanankinga nabo ngoba akazi ukuthi ubadleleni. Uthe emculweni uthanda uKhuzani, nabukele kuye ngisho indlela yokugqoka.
Ukhonze ukudla inyama yenhloko kanti emaqenjini ebhola akuleli uthanda kakhulu uKaizer Chiefs noma kuyihambela kabi kulezi zinsuku.
Igama likaQhubinja uthe wethiwa yizinsizwa zangakubo njengoba wayehlala ehamba nezinja eyozingela esakhula.
Uthe ubebeka uR4 000 njalo ngenyanga iminyaka emihlanu.