UMFUNDI waseNdengetho High School KwaNdengezi uqophe umlando eba ngowokuqala emlandweni wakulesi sikole ukuphasa kahle athole o-A kwiMaths neSayensi, nakuzo zonke ezinye izifundo abezenza kwa-Grade 12.
UBheka Kunene (19) waseDesai, eMariannhill, uthole o-A abayisikhombisa kuzo zonke izifundo zakhe. Lokhu bekungakaze kwenzeke emlandweni walesi sikole selokhu saba khona.
Ukusebenza kanzima unyaka uqala yikhona athi kumenze wathola le miphumela.
Uthe phezu kokuba unina engasebenzi eke abambe amatoho, ukwazile ukumjabulisa.
“Bekunzima ukuthola imali yokugibela ngiye KwaNdengezi njengoba umama engasebenzi. Kodwa kukho konke lokho ngikwazile ukuthi ngingamphoxi, ngaphumelela," kusho uBheka.
Ubonge nothisha bakhe athe bebemkhuthaza ukuba azihlanganise nabangani azodudana nabo ngokuthi benze okuhle.
Okumphatha kabi njengamanje wukuthi phezu kokuba ephasile akazi ukuthi uzoziqhuba ngani izifundo zakhe njengoba unina engasebenzi.
Unxuse noma ngabe wubani ongamsiza ukuba angenelele ngoba wasifaka isicelo sokwenza i-Electronic Engineering eNyuvesi yaKwaZulu-Natal, bamemukela.
Obenguthisha wakhe uMnuz Mbuso Nsele, uthe bebehlale bemgqugquzela ngaso sonke isikhathi uBheka ukuba ahambise imfundo phambili.
“Okunye okumsizile wukuthi ubebuye afundise abanye abafundi kulesi sikole ikakhulukazi kwiMaths neSayensi. Ngokwenzenjalo naye ubethola ukuzicija,” kwengeza uNsele.
Uxwayise abafundi ngokuthi uma befuna ikusasa labo liqhakaze, kuzomele bangavumi ukusetshenziswa ngabathile ukuthi badale izixakaxaka ezikoleni.
“Abanye abafundi bayakhohlwa ukuthi bazokwenzani esikoleni, kuthi sekukhishwa imiphumela, aqale umfundi ukuphatheka kabi ekubeni ubedlala ngethuba unyaka wonke,” kusho uNsele.
Uthe angakujabulela ukwesekwa kukaBheka ngoba akamcabangi ehleli ekhaya engenzi lutho nethalente elingaka aphiwe lona.