IPHINI likaMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, liveze ukuthi liyeseka ngokugcwele ikhomishini yophenyo ngokulawulwa kombuso yidlanzana.
URamaphosa izolo ubephekwa ngemibuzo ePhalamende ezihlokweni ezithinta udlame olubhekiswe kwabesifazane, ukuntuleka kwamathuba omsebenzi nokulawulwa kombuso yidlanzana.
Ephendula ilungu lePhalamende ebelimbuza ukuthi uyahambisana yini nesiphakamiso sokuthi izinkantolo ziqale ikhomishini yophenyo ngodaba lokulawulwa kombuso, uRamaphosa uvumele phezulu.
“Ngiyahambisana nekhomishini yophenyo ngoba iyithuba elihle lokuthi abantu baphumele obala ngabasolwa ngakho. Wonke umuntu unelungelo lokucela izinkantolo ukuthi ziphenye ngokuthize uma engagculisekile ngophenyo lwezinye izinhlaka zikahulumeni,” kusho uRamaphosa.
Uveze lokhu ngemuva kokugcizelela ukuthi uhulumeni ngeke umelane nokulawulwa kombuso yidlanzana.
Lolu daba beluphambili ePhalamende emva kwemibiko esola umndeni wakwaGupta ngokuba namandla ezinkampanini zikahulumeni naseminyangweni kahulumeni. Izinsolo ngalo mndeni ziqine kakhulu ngemuva kokuputshuka kombiko wowayenguMvikeli woMphakathi, uNkk Thuli Madonsela.