CLOSE X
Advertisement

Usebizwa ngoVan Damme umfundi oshaye abazali

Izindaba
ISIKHUNI sibuye nomkhwezeli kumzali ofike nobemphelezele esikoleni wahlasela umfundi osolwa ngokushaya ingane yakhe kanti uzogcina equnjwa phansi.

Bayisuthile induku abazali okusolwa ukuthi bagadle kuqala kumfundi abebemsola ngokushaya ingane yabo. Lo mfundi uvele wathelwa ngezibonkolo wabadumela, ebashaya kanye kanye. Omunye wabo ubonakala kwi-video equmbeka phansi ngemuva kwesibhakela somfundi.

Lesi sigameko senzeke eCarter High School, eMgungundlovu. Kuthiwa usebizwa ngoVan Damme esikoleni lo mfundi.

Share this story
UGINGQWE ngevelemane kanje, kule video esisabalele, umzali womfundi waseCarter High School, eMgungundlovu, obethi uyolwela ingane yakhe, kanti uzovele ahlulwe Isithombe: BONGIWE ZUMA

Abazali bebefike kulesi sikole ngenxa yokuthi ingane yabo bekusolwa ukuthi ishaywe yilo mfundi ogcine ebaguqisile.

Kuthiwa ngoLwesihlanu lo mfundi nabangani bakhe ababili abathintekayo esehlakalweni sokuhlukumeza umfundi ka-Grade 11, bavele ngaphambi kwekomiti eliqondisa ubugwegwe esikoleni.

Omunye wabafundi othintekayo unqabile ukukhuluma neSolezwe ngeSonto, wathi nonina akazimisele ngokuphawula ngalolu daba.

Umfundi ozibonele, uthe senzeke ngeledlule lapho kushiywa khona abafundi ngabazali ngezimoto.

“Abesifazane ababili bafike behamba nomfundi ka-Grade11 obeshaywe esikoleni yintombazane ka-matric. Baqala bashaya lo mfundi osolwayo, wabashaya naye,” kusho lo mfundi.

Omunye umfundi womfana uthe lo mfundi we-video sebembiza ngoVan Damme ngokushaya abantu ababili eyedwa.

“Nabo kodwa laba bazali babe nephutha ngokuhlasela umfundi. Bekumele bayombika kothisha. Sifuna kuqiniswe ezokuphepha esikoleni,” kusho umfundi.

UMnuz Johan de Goede ongamele abafundi kulesi sikole unqabile ukuphawula ngomhlangano ababenawo nabafundi abathintekayo nabazali wathi uphenyo lusaqhubeka.

“Sihlanganile neSGB lapho esivumelene ukuthi kumele siqinise ezokuphepha esikoleni ukugwema izehlakalo ezifana nalezi,” kusho ude Goede.

Okhulumela amaphoyisa aseMgungundlovu uSergeant Mthokozisi Ngobese, uthe kuvulwe amacala amabili okushaya nelilodwa elivulelwe abazali lokungena esikoleni ngaphandle kwemvume.

UNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal uMthandeni Dlungwana uyalele ukuthi kwenziwe uphenyo olunzulu ngodaba lobubhoklolo esikoleni.

Share this story
Advertisement
X