OWESIFAZANE waseMzimkhulu usola isisebenzi soMnyango wezaseKhaya ngokuphambanisa izinkomishi ngesikhathi senza isitifiketi sikamfowabo sokufa ngenyanga edlule njengoba ethi savele senzela yena ekubeni ephila.
UNksz Nomanono Mahlaba (64), uthe ngo-Ephreli uvelelwe wumshophi ngesikhathi eyokwenza isitifiketi sikamfowabo ozalwa uyise omdala owayeshonele esibhedlela e-Edendale. Kulesi sibhedlela uthi kunehhovisi loMnyango wezaseKhaya okuyilo elenza isitifiketi.
Owesifazane owayenza isitifiketi sokufa sikaMnuz Mhlaleli Mahlaba, uthi waqale wenza isitifiketi sokufa esinamagama akhe (uNksz Mahlaba).
“Wathi uma enginika ngamtshela ukuthi wenze iphutha wafaka imininingwane yami. Wasithatha waqala phansi wakhipha esibhalwe umufi. Ngathi uma ngibuza ukuthi ngeke yini ngibe nenkinga ngenxa yalesi sitifiketi asesenzile ngoba ngibona esibeka eceleni. Waphendula wathi ‘uzongivusa’ wabe esebiza olandelayo ngazibonela ukuthi akafuni ukuthi ngilokhu ngimfaka imibuzo,” kusho yena.
Ngesonto eledlule uthe ethi uyohola impesheni yakhe watshelwa ukuthi ayikho.
“Ngiye kwaSassa, eHarding ngiyobuza ukuthi kwenzekeni bangitshela ukuthi imininingwane ekwikhompyutha iveza ukuthi ngishone ngenyanga eyedlule. Angikholwanga ngoba owesifazane owayengisiza wathi uzongivusa. Ngaya emahhovisi oMnyango wezaseKhaya. Nakhona ngatshelwa okufanayo,” kusho yena.
Wabachazela ngokwenzeka ngesikhathi enza isitifiketi somfowabo. Bafonela lo wesifazane analo igama lakhe nesibongo.
“Wabuya lo owayengisiza wathi umtholile kodwa uluvalile ucingo ngemuva kokuzwa ukuthi ubuza ngesitifiketi sokufa angenzela sona. Walokhu ezama kwaze kwashaya isikhathi sokuthi ngihambe engasalubambi ucingo. Wagcina ethi uzongifonela uma esekhulumile naye kuze kube yimanje akafoni futhi angazi ukuthi kumele ngenzenjani.”
Okumphatha kabi kakhulu ukuthi kuzokwenzekani uma naye eshona.
“ Angazi ukuthi yini eyayiqondwe yilo wesifazane ngoba ukube kwakuyiphutha wayezofonela lapho ephethwe khona alilungise leli phutha kodwa wangazihlupha,”kusho yena.
UMnuz Cyril Mncwabe ophethe amahhovisi oMnyango wezaseKhaya KwaZulu-Natal, uthe usazophenya abheke ukuthi ukhona yini onaleli gama elishiwo uNksz Mahlaba nokuthi kwenzekani ngesikhathi kushaywa isitifiketi sokufa sikaMahlaba.