IHAMBA ithuka izanya inkakha yomlingisi woMuvhango ku-SABC2 eshaywe yachashwa ngenhlamba enxanxatheleni yezitolo eCarnival Mall, eBrakpan, eGoli.
U-Arthur Mbambo (75) onguyise kaThandaza kulo mdlalo, uveze konke kwiSoundCloud eku-internet ngesehlakalo esenzeke ngoDisemba 19 nyakenye esesitolo sakwaMTN.
Kulesi siqephu esiqoshiwe esithatha imizuzu eyisithupha nemizuzwana engu-24, uMbambo ugeqa amagula ngaleso sigameko esenzeke eyolungisa udaba locingo lwakhe.
“Ngemuva kokusizwa ngatshelwa ukuthi mangiyothenga i-starter pack esisha. Ngatshelwa ukuthi uma sengibuya ngingabe ngisema kulayini kodwa ngiqonde ngqo phambili kulo obengisiza,” kusho uMbambo.
Uthe usebuya wenza njengoba ayetsheliwe yize kulayini kwakunabamhlophe abayisishiyagalombili. Wabachazela bangakhombisa ukuba nenkinga. Uthi ngemuva kokusizwa ube esebonga, wavalelisa.
Esephambi komnyango wesitolo uthi unake owesifazane owayehleli ngaphakathi esitolo owavele washo ngengila emthuka, emehlisa isithunzi embiza nangekhafula ngesiBhunu. Ngenhlanhla wayemuzwa ukuthi uthini ngoba uyaluqonda lolu limi.
Esephuma ubone kunensizwa emi phambi komnyango inanela inkulumo yowesifazane omethukayo. Imthele ngesiphuzo esabe sisekanini. Kuthe uma ebuza ukuthi ikwenzelani lokho yamgqimuza ngekhanda ebusweni maqede wafumbeka phansi.
Uthe esadidwe yilokho yaqala yamkopolota iso yase imxova ngesibhakela.
UMbambo uchaza okwenzeka ngokuthi kwamehlisa isithunzi njengoba kwakugcwele abantu abamaziyo ngenxa yokuba ngumlingisi, umfundisi nomlobi wezincwadi.
Uchaza uthi kwesokudla wayephethe iselula le ayezoyilungisa kwesokunxele egodle amaphepha abalulekile. Ukuphatha kwakhe ngazo zombili izandla kumnqinde amandla okuphindisela waze wasizwa wukuthi alilume leli bhungu ebusweni.
“Ngemuva kwalokho kwaqhamuka abasilamula kodwa ngizizwa ngihlazekile ngoba angiyena umuntu wempi," kuchaza uMbambo.
Uthi kubizwe amaphoyisa baphuthunyiswa esiteshini samaphoyisa babhala izitatimende. Nalapho lo wesifazane uqhubekile nokumusho ngezinhlamba embiza ngamagama ehlisa isithunzi somuntu omnyama. Noma sekudlulelwe esibhedlela kube yiso leso.
Uthi namanje uhamba ejeqeza ngenxa yokwesaba selokhu kwenzeke lesi sehlo. Udaba ulubikile nakwiKhomishini yamaLungelo Abantu ngenxa yokuthi uyafisa ukuthi lusukunyelwe kuliwe nalesi sihlava sokucwaswa ngokwebala.
Okhulumela iKhomishini yamaLungelo Abantu, uGail Smith uthe bayalwazi lolu daba kodwa kusaphenywa ngalo.
Okhulumela amaphoyisa uCaptain Bavela Masondo uthe kuvulwe amacala amabili okushaya.
“Abathintekayo bavulelana amacala okushaya omunye nomunye. Silinde ukuthi kuyiwe enkantolo ngoLwesithathu, inkantolo inqume ngalo icala,” kusho uCaptain Masondo.