UHLEZI lubhojozi umndeni wentombazane (18) evule icala lokudlwengulwa nguzakwabo abefunda naye * -matric kwesinye sezikole zaseMandeni.
Lo mfundi elingeke lidalulwe igama lakhe ngenhloso yokumvikela, ubengakwazi nokukhuluma ngoLwesithathu ngesikhathi ethintwa yiSolezwe ngoMgqibelo.
Unina walo mfundi utshele Isolezwe ngoMqgibelo ukuthi ingane yakhe ibiphuma esontweni ihamba endleleni yesizulu ngesikhathi ihlangana nalo mfana oqale ngokuyishaya wase eyihudulela esikhotheni wayidlwengula.
“Ubephuma esontweni kwaMoya. Ube esenqamula endleleni yesiZulu esihlala sihamba kuyo kanti uzohlangana nomfana owayemeshela esikoleni.
“Uma echaza uthi wamtshela lo mfana ukuthi akaqomi yena ngoba uyakholwa kodwa umfana wathi uzomthola futhi yena udla umuthi. NgoLwesibili umshayile wamdlwengula,” kusho unina wentombazane.
Uthe indodakazi yakhe ibafonele ngemuva kwesehlakalo kodwa umsolwa wayiphuca iselula, wathatha inamba yomfowabo wamfonela wamthuka.
“Isiphethe kabi indaba yokudlwengulwa kwendodakazi yami ngoba umfana oyidlwengulile uyigile wase efonela umfowabo wambiza ngaphansi kweziketi zikami. Sihlalele ovalweni manje ngoba uyaziwa lo mfana kodwa akaboshiwe,” kusho unina wentomazane.
Unxuse amaphoyisa ukuba alusukumele udaba lokudlwengulwa kwendodakazi yakhe ngoba umsolwa uyaziwa.
Izolo Isolezwe ngoMgibelo lithole ukuthi intombazane edlwenguliwe iphasile
futhi izimisele ngokwenza izifundo zeChartered Accounting.
ULt Colonel Thulani Zwane wamaphoyisa KwaZulu-Natal usiqinisekisile isigameko sokudlwengulwa kowesifazane eMandeni.
“Amaphoyisa aseSundumbili aphenya icala lokudlwengula emuva kokuthi owesifazane ebike ukuthi ngoLwesibili ngabo 9 ebusuku ubanjwe ngowesilisa wamdonsela esikhotheni, wamdlwengula.
“Ubesendleleni ebheke ekhaya ngesikhathi kwenzeka isehlakalo. Akukaboshwa muntu okwamanje, uphenyo luyaqhubeka,” kusho uZwane.