OWESILISA waKwaDabeka osola amaphoyisa ophiko lwezinja eShongweni ngokumlumisa ngezinja ezisuse ingxenye yendlebe, uwavulele icala ngalesi sehlakalo.
UMnuz Mthokozisi Mchunu (34) ongaphandle ngebheyili ngecala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu, usola amaphoyisa ngokumlumisa ngezinja nokuqola umndeni wakhe * -R6000.
UMchunu uthe yena nomngani wakhe babehamba ngeveni beKwaDabeka ngo-Epreli 20 kwaqhamuka amaphoyisa abehlale ephathisa umkhonzo wokuthi azomthola.
Uthe lawa maphoyisa ayamazi ngoba uvame ukuphambana nomthetho. Ngalelo langa uthe afuna * -R10 000 angazange awuchaze ukuthi owani.
“Sathi asinayo imali athi azosibopha. Athi okumele sikwenze ukushayela emakhaya sibatshele bafake le mali kungakasi uma sifuna asidedele. Abasekhaya babelokhu bezama imali bengayitholi baqala bazulazula nathi bagcina besidedela esigangeni badedele izinja zasiluma,” kusho uMchunu.
Uthe kwathi sekuzosa intombi yakhe yafaka * -R6000 ezitolo njengoba ayeshilo kodwa amaphoyisa angabadedela, abavulela amacala base beya esibhedlela ngoba babelimele. UMchunu uthe akazi ukuthi umngani wakhe wavulelwa yini icala kodwa akazange aye enkantolo.
Uthe izinja zamluma engalweni, ezinyaweni nasendlebeni.
Ngakolunye uhlangothi okhulumela amaphoyisa uLt Col Thulani Zwane, uthe amaphoyisa ayezulazula kuleya ndawo ebusuku abona imoto eyayisolisa, ayimisa kodwa umshayeli wayo wenyusa ijubane.
“Ngokuhamba kwesikhathi umshayeli nayehamba naye baphuma emotweni bagijima baya ezindaweni ezehlukene amaphoyisa abajaha. Esebanjiwe (uMchunu) watholakala nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu. Wavulelwa icala wavela enkantolo. Ungaphandle ngebheyili,” kusho uZwane.
Uthe ngoMsombuluko umsolwa uvulele amaphoyisa icala ngezinsolo ezingabambeki.
“Akukho okubi okwenziwa amaphoyisa ngesikhathi eboshwa. Amaphoyisa ayenza umsebenzi wawo kodwa lukhona uphenyo olwenziwayo ngalezi zinsolo,” kusho uZwane.